OwePirates uphumela obala ngozakwabo
UMGADLI we-Orlando Pirates, uJustin Shonga, uphumele obala ngokudobela kweZimnyama umkhaya wakhe u-Augustine Mulenga ogcine echithe amaqembu ahlonishwayo e-Afrika nawaphesheya kwezilwandle.
UShonga, waseZambia, ujoyine iPirates phakathi nesizini emuva kokusabalala kwemibiko yokuthi ufunwa uthuli yiMamelodi Sundowns. Usephenduke esinye sezethenjwa kwi-Orlando Pirates ngaphansi komqeqeshi uMilutin “Micho” Sredojevic. Igoli likaShonga alishaye behlula iChippa United ngenyanga edlule, liqokwe njengelivelele enyangeni kaMashi, i-Absa Premiership Goal of The Month ngesonto eledlule. UShonga uveze ukuthi uyena onxenxe uMulenga, osematheni kulezi zinsuku, ukuthi amlandele kwiPirates. UMulenga ubingelele ngegoli okusakhulunywa ngalo namanje alishaye esuka ebhentshini ngesikhathi iPirates ihlula iBloemfontein Celtic ngo 2-1 e-Orlando Stadium ngesonto eledlule. Uchayise amaqembu asenhla ne-Afrika okukhona kuwona izinkunzi zase-Egypt i-Al Ahly neZamalek. Phesheya kwezilwandle ubefunwa yiKV Oostende yaseBelgium.
“Ngijabule kakhulu ukuthi ulapha naye. Ngamtshela ukuthi kungaba ngcono uma engangilandela naye ajoyine iPirates. Yena ubekade efuna ukuya eNyakatho ne-Afrika kodwa wagcina evumile ukungilandela. Ngiyajabula ngendlela aqale ngayo negoli alishayile. Abaqeqeshi bayameseka futhi bamnika isikhathi sokuzinza. Nami ngiyamgqugquzela, ngokumtshela ukuthi asikho ekhaya kudingeka sisebenze kanzima,” kusho uShonga.
Eminyakeni edlule baningi abadlali baseZambia abazakhele igama kwiPirates okukhona kubona uDennis Lota ongasekho, Perry Motapa osengumqeqeshi, Isaac Chansa osedlala ekhaya nabanye.
IPirates, esendaweni yesibili kwi-log ye-Absa Premiership, inengcindezi yokuvala igebe lamaphuzu amane elivulwe yiMamelodi Sundowns emuva kokuhlula iBaroka ngo 2-1 ngempelasonto. EZimnyama zizovakashela iSuperSport United eMbombela Stadium kusasa ngo-7.30 ebusuku.
“Kuyiphupho lawo wonke umdlali ukusiza iqembu, nami akukho okungangijabulisa njengokuthi ngifake isandla ekutheni iqembu liqede liphethe indebe ekupheleni kwesizini. Sizoyicubungula iSuperSport, sisebenze ngokuzikhandla. Siyathemba ukuthi ukuphela komdlalo kuzobe kusho amaphuzu amathathu kithina. Nokho kubalulekile ukuthi singabheki phambili kakhulu kodwa silwele ukuwina umdlalo ophambi kwethu ngaleso sikhathi,” kusho uShonga.