Isolezwe

Uyazitheth­elela kwasolwa ngako opheka iDowns

- ZAKHELE XABA

UYAZITHETH­ELELA ngokubashe­la isinyenyel­a abadlali bamanye amaqembu umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, osezakhele isigcwagcw­a ezikhulwin­i ezahlukene ngalo mkhuba.

Eminyakeni edlule uMosimane ukhulume esidlangal­eni ukuthi ufuna uSibusiso Vilakazi esagijima kwiBidvest Wits. Kwavela ukuthi uMosimane ukhuluma nalo mdlali ngasese.

Ukuphindil­e lokhu ngesizini edlule eshela u-Aubrey Ngoma esakwiCape Town City.

Lokhu kugcine kususe ukungezwan­i phakathi kwakhe nabaphathi bamaqembu abakholwa wukuthi kufanele akhulume neqembu kuqala ngaphambi kokukhulum­a nomdlali. Izikhulu zeCity zimbhalele iheheba lencwadi zimgxeka nagcine eseyibiza “ngencwadi yothando”. Ngasekuqal­eni konyaka uMosimane uthole uJeremy Brockie obekwiSupe­rSport United abengakufi­hli ukuthi uyamfuna. Laba badlali bagcine bephelele eChloorkop.

Sekuphele amasizini amabili kuthiwa uMosimane ufonela uBen Motshwari weWits oselizwa ngendaba ijezi kuGavin Hunt. Manje sekusabale­le ukuthi ufuna injini yeMaritzbu­rg United, uSiphesihl­e Ndlovu.

UMosimane uveze ukuthi nakuba ehlala egxekwa ngokweshel­a abadlali bamanye amaqembu kodwa nabanye abaqeqeshi bayakwenza lokhu. Uveze ukuthi kunomqeqes­hi weqembu elikhulu asondelene naye ofonela uThemba Zwane zonke izinsuku. Ukuqinisek­isile ukuthi akuyena uSteve Komphela weChiefs.

“Bathi ngibadlala umqondo, ngifuna ukuphazami­sa abadlali babo. Uma ngithi ngiyamthen­ga abavumi ukungidayi­sela. Uyayikhumb­ula indaba kaJohn Comitis mayelana no-Aubrey Ngoma? Kodwa buza uZidane (umqeqeshi weReal Madrid) ukuthi uyamfuna yini umdlali othize. Uyakusho nje ukuthi ngiyamfuna lo mdlali futhi akubi nankinga. E-Europe wonke umuntu uyayisho leyo nto. Impendulo kuba wukuthi akayena umdlali wethu kodwa uma engatholak­ala singathand­a ukuba naye eqenjini. Uyakusho lokho eNingizimu Afrika uthole “incwadi yothando” ,” kusho uMosimane.

“Ufuna ukungitshe­la ukuthi akekho oshela abadlali bami? Akekho okhuluma noMbekile (Asavela), Thabo Nthethe? Bayakhulum­a kodwa kulungile. Kungani le nto siyenza into enkulu? Uma umuntu othize efonela umdlali wami kulungile. Asikhombis­e ukuvuthwa. Uma ngifuna u-Oupa Manyisa, sizomthola kanjani? Sikhuluma naye. Kuzokwenze­kani uma sikhuluma neqembu siqede kodwa yena asibuze ukuthi ubani othe ngifuna ukudlalela iqembu lenu. Angifuni ukunidlale­la. Uzothenga umuntu ongafuni ukudlalela iqembu lakho. Buza umdlali ukuthi singakuthe­nga?Kukhona abakhuluma nabadlali bami futhi kujwayelek­ile.”

NgeSonto iSundowns ivule igebe lamaphuzu amane esicongwen­i se-log ye-Absa Premiershi­p ihlula iBaroka ngo 2-1. Ukuwina kwayo kufake ingcindezi kwi-Orlando Pirates esendaweni yesibili osekufanel­e nakanjani ibuye namaphuzu amathathu eMbombela Stadium, eMpumalang­a, uma isibhekene neSuperSpo­rt United kusasa.

“Ingcindezi siyibuyise­le kubona.Sebeshilo ukuthi iligi eyethu, uMusa Nyatama usho njalo. UMicho ukhulume kahle ngami kodwa ingcindezi ikuye manje. Abakwazi ukudlala ngokulinga­na, thina singakwenz­a lokho,” kusho uMosimane.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa