Uyashisa umbango wokungadliwa yizembe
NJENGAMANJE umbango wokungadliwa yizembe ushube ngale ndlela yokuthi uMushin Ertugral, ocija i-Ajax Cape Town, ukholwa wukuthi uzonabela osukwini lokugcina.
Kuminyene utshumo emathukwini elog ye-Absa Premiership. Amaqembu azama ukuvika izembe yiPlatinum Stars, Ajax, SuperSport United, Polokwane City, Lamontville Golden Arrows naMaZulu.
Izembe lizogawula amaqembu amabili aqede endaweni yokugcina. Eliqede endaweni ka-16 lizoqonda ngqo kwiNational First Division (NFD) bese kuthi eliqede endaweni yesibili uma usuka ekugcineni lidlale kuma-play-off namaqembu amabili aqede endaweni yesibili neyesithathu kwiNFD.
U-Ertugral, opheka i-Ajax, ukholwa wukuthi kuzocaca ngosuku lokugcina ukuthi yiliphi iqembu elizoyibamba kuma-play-off.
“Umdlalo wokugcina yiwona ozocacisa ngeqembu elizodlala kuma-play-off. Amaqembu esibanga nawo yiPolokwane City neSuperSport United. Kule midlalo emihlanu esele sidinga ukuthi okungenani sinqobe emithathu. Ngiyakholwa wukuthi iqembu lingalivika izembe. Uma sike sanqoba kukhona elinye iqembu esizolisondeza embangweni wezembe. Kuzoba wusuku lokugcina oluzocacisa (ngeqembu eliya kuma-play-off,” kusho u-Ertugral
I-Ajax ihlezi endaweni yesibili uma usuka ekugcineni ngamaphuzu awu-24 emidlalweni ewu-25. Kusasa ngo-7.30 ebusuku izoshukana neBidvest Wits e-Athlone Stadium, eKapa, emdlalweni weligi.
“Sidumele ngokushaywa AmaZulu ngoba sibanga nawo lapha ezembeni. Ngaphambi komdlalo wethu naMaZulu sashaywa yiLamontville Golden Arrows nayo esibanga nayo ukusuka endaweni yezembe. Akumele sivumele ukushaywa yila maqembu esibanga nawo. Sizolwa kuze kube yisekugcineni. Inkinga yethu yokungawini ekuhambeni sengizame kaningi ukuyilungisa. Uma sidlala ekhaya siba yiqembu elingcono uma uqhathanisa nesiba yikho uma sidlala ekuhambeni.”
I-Urban Warriors ayikaze igawulwe yizembe emlandweni wayo kwiPremier Soccer League.