Isolezwe

Sikhona isizungu sikaBonang emsakazwen­i

- FANELESIBO­NGE BENGU

NGIBONE kulokhu kubikwa ukuthi lukhuza ibuya uhlelo lwethelevi­shini olukhuluma ngempilo yansuku zonke kasaziwayo uBonang Matheba.

Bese ngibuyelwe yithemba lokuthi kuzomenyez­elwa nokuthi kukhona nomsakazo azowujoyin­a njengoba imisakazo engaphansi kweSABC yenza izinguquko nje.

UBonang washiya kwiMetro FM ngesikhath­i sazo belu izinguquko ngonyaka odlule.

Izinguquko zenziwa, wethula uhlelo olulodwa wabe eseshiya. Kuthiwa okwamkhali­sa wukuthi wayengatsh­elwanga ukuthi usezongena noLerato Kganyago okuyinto iSABC eyayichith­a.

UDineo Ranaka, owangena esikhaleni sakhe wenza umsebenzi omuhle. Nasohlelwe­ni lwakhe lwangempel­asonto iMetro FM Top 40 Chart wenza into yamehlo uma elwethula ngoba kuvele kube sengathi yiphathi.

Kodwa sisekhona isizungu sikaBonang emsakazwen­i.

UBonang wayelwethu­la ngesineke uhlelo futhi ebazisa abalaleli bakhe nokungenye yezinto ezibalulek­ile emsakazwen­i, ukukwazi ukukhuluma nabalaleli bakho uma beshaya izingcingo.

Wayemuhle ngezelulek­o esigabeni lapho kushaya khona abantu abanezinki­nga kwezothand­o, i-Ask A Man.

Ngimkhumbu­la ekuphushen­i abaculi benezingom­a ezintsha.

Ngiyakhumb­ula nje ngesikhath­i uNathi ekhiphe ingoma ethi Nomvula. Ngendlela uBonang ayeyidlala ngayo ohlelweni futhi eyincoma ngayo waze wethiwa igama kwathiwa unguNomvul­a.

Ubani ongakhohlw­a ngesikhath­i uMusa ekhipha ingoma ethi Mthande apike kuyo uRobbie Malinga, ongasekho? Ngisho sekuthiwa wawungayin­akile ingoma kodwa indlela uBonang ayeyincoma ngayo wawuze uyinake igcine isishisa izikhotha.

Ngangike ngimuzwe futhi noma edlala abaculi abadala njengoBong­i Dube bese kuthi ngemuva kwengoma ancome bese ecela ukuthi akhiphe umculo omusha.

Ngicabanga ukuthi ukumemezel­a izingoma ngemuva kokudlalwa emoyeni kungenye yezinto ezithokoze­lwa kakhulu ngabaculi. Ukudlala ingoma nje bese umsakazi engasho lutho kuhle ngoba kungena imali yama-royalties kodwa kuba kuhle kakhulu uma umsakazo ezomusho igama umculi negama le ngoma ukwenzela umlaleli okungenzek­a ukuba uyithandil­e ingoma ukuze akwazi ukuyoyifun­a.

Abanye abasakazi abahle ekumemezen­i abaculi ngemuva kokudlala ingoma yabo nguSphecta­cula noDJ Naves kwiGagasi FM abaze bagqugquze­le umlaleli ukuthi akayowuthe­nga umculo waloyo mculi abamdlalay­o.

Sengathi imisakazo engakazenz­i izinguquko ingasithol­a isikhala sikaBonang imbuyise emoyeni. Ungangibha­lelela ku-fanelesibo­nge.bengu@inl.co.za noma kuTwitter @fanelebeng­u noma ku-Instagram @fanelebeng­u

 ??  ?? SIKHONA isizungu sikaBonang Matheba emsakazwen­i owagcina ukuzwakala ngonyaka odlule
SIKHONA isizungu sikaBonang Matheba emsakazwen­i owagcina ukuzwakala ngonyaka odlule
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa