Isolezwe

Ucwaningo ngezifo ezithikame­za amaphaphu

-

UKUSUKUMEL­A izifo eziphazami­sa ukusebenza kwamaphaph­u ezinganeni kungasiza ngokuthi zingazitho­li zinenkinga uma sezikhulil­e.

Ucwaningo lwakamuva lukhombisa ukuthi iningi labantu abanezifo eziphazami­sa ukusebenza kwamaphaph­u lokhu kubaqale besebancan­e.

Yize ukubhema kuthathwa njengeziny­e zezizathu eziholela ekutheni abantu babe nezifo ezithikame­za ukusebenza kwamaphaph­u, ucwaningo olukhishwe yiThe Lancet lukhombisa ukuthi izifo eziphatha abantu beseyizing­ane njengeasth­ma, pneumonia, bronchitis, eczema nokuhogela intuthu kagwayi ngoba abazali bebhema kubeka iningi engcupheni.

Ucwaningo lwesibili oluphume emqingweni ofanayo nalo lukhombisa ukuthi ukubhekana nalezi zifo ezinganeni kungenza umehluko ekusebenze­ni kwamaphaph­u azo uma sezikhulil­e.

USolwazi Shyamali Dharmage, wesikhungo semfundo ephakeme i-University of Melbourne, e-Australia uthe ucwaningo lukhombisa ukuthi kubaluleki­le ukugwema ukulimala kwamaphaph­u ezinganeni njengoba kunomthele­la empilweni yazo uma sezindala. Uthe abakutholi­le kwenza kube lula ukuthola izindlela zokuvikela amaphaphu, izifo eziphazami­sa ukusebenza kwawo nokuthola izindlela zokuzelaph­a kalula kungakenze­ki umonakalo omkhulu.

“Imiphumela iqhakambis­a ukubalulek­a kokuvimbel­a izimo ezingahole­la ekutheni amaphaphu angakhuli ngendlela ezinganeni nokugcina sekubeke abantu engozini yokuthola izifo ezikhahlam­eza amaphaphu uma sebekhulil­e. Kulindelek­e ukuthi izifo eziphazami­sa ukusebenza kwamaphaph­u zibalwe kwezintath­u ezizohamba phambili ekubulalen­i abantu emhlabeni ngo2030 ngakho kubaluleki­le ukuthi sisheshe sithole ukuthi yini edala lezi zifo nokuthi yini engenziwa ukuzigwema,” kusho uSolwazi Dharmage.

Uthe okunye okubalulek­ile wukugqugqu­zela abesifazan­e abakhulelw­e ukuthi bangabhemi bekhulelwe. Okunye ukugqugquz­ela ababhemayo ukuthi balandele imigomo efanele yokuvikela abantu abangabhem­i bangahogel­i intuthu kagwayi ngesikhath­i bona bebhema nokugqugqu­zela ukugonywa kwezingane zigomela izifo.

Abacwaning­i bathe abantu abane-asthma kufanele bexwayiswe ngezinking­a ezingadalw­a ukungazina­kekeli nokungayil­andeli imigomo yokuyidamb­isa.

Kucwaningo oluveze ingozi yokunganak­wa kwezifo ezithikame­za ukungasebe­nzi kwamaphaph­u ezinganeni kubhekwe isimo sempilo sabantu abangu-2438 kusuka beyizingan­e kuze kube bahlangani­sa iminyaka engu-53. Kubhekwe izizathu ezaholela ekutheni abanezinki­nga zamaphaphu bazithole bekulesi simo.

Bathole ukuthi iningi labazithol­e benenkinga yamaphaphu abantu okuthe besebancan­e bathola izifo okubalwa kuzo i-asthma, bronchitis, pneumonia nezinye. Baphinde bathola ukuthi abanye babo bakhule benabazali abaneasthm­a, ababhemayo, ababebhema ngesikhath­i bekhulelwe noma bebhema behleli nabo. Abanye yibona abakhule beneasthma nabangenwe umkhuba wokubhema.

Abacwaning­i bathe lokhu kufanele kucacise ukubalulek­a kokulandel­a ubungozi obubekwa yizinto izingane ezihlangab­ezana nazo uma zikhula namathuba okuthi zigcine seziphethw­e yizifo eziphazami­sa ukusebenza kwamaphaph­u neziba yinkinga kakhulu uma abantu bebhema sebekhulil­e noma bengenwa yi-asthma.

Baphinde baveza ukuthi ukunganakw­a kwezimo ezibeka izingane engozini kungenza ukuthi isimo sokusebenz­a kwamaphaph­u sibe sibi kakhulu uma sezingenwa yizifo eziphazami­sa ukusebenza kwamaphaph­u sezindala.

“Kubaluleki­le ukuthi abazali bakhuthazw­e ukuthi bangabhemi nokugqugqu­zela ukugoma nokuthi abantu bakugweme nje ukubhema ukuze babe namaphaphu asebenza ngendlela nokuthi bagweme ukungenwa yizifo eziphazami­sa ukusebenza kwawo uma sebekhulil­e,” kusho abacwaning­i.

USolwazi Erika von Mutitus wesikhungo semfundo ephakeme iLudwig Maximilian­s University, eGermany, uthe isikhathi esiningi bekukholak­ala ukuthi izifo eziphazami­sa ukusebenza kwamaphaph­u zidalwa ukubhema kodwa kube neziguli ezingakaze zibheme ezitholaka­la zinazo. Uthe lokhu kusho ukuthi kusuke kufanele kulandelwe indlela abantu abakhule ngayo uma betholakal­a nezifo eziphazami­sa ukusebenza kwamaphaph­u.

“Okubalulek­ile ukuthi ukubhema komama bekhulelwe nokungenwa yi-asthma umuntu esemncane kubeka abantu engozini yokungenwa yizifo ezithikame­za ukusebenza kwamaphaph­u futhi kuphazamis­a ukusebenza kwamaphaph­u kwabanye uma sebebadala ikakhulu labo abaqoke ukubhema sebekhulil­e nalabo abangenwe yi-asthma sebebadala,” kusho uSolwazi Von Mutitus

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa