Isolezwe

Ithuluzi elizoveza uma usethubeni lokungenwa wufuba

-

KULINDELEK­E ukuthi lenze umehluko omkhulu ekulashwen­i kofuba ithuluzi elihlolwa abacwaning­i basemazwen­i ahlukene, okubalwa kubo abakuleli, elizoveza ngokushesh­a uma umuntu esethubeni lokungenwa wufuba ngokuhlola igazi.

Abacwaning­i baseStelle­nbosch University bangamalun­gu ethimba elihlangan­isa abacwaning­i abavela emazweni ahlukene abasungule ithuluzi lokuhlola likhombise ukuthi umuntu anganofuba esikhathin­i esingangem­inyaka emibili ngaphambi kokuthi aze abe nalo.

Ucwaningo lusanda kushicilel­wa kwi-American Journal of Respirator­y and Critical Care Medicine.

USolwazi Gerhard Walzl waseStelle­nbhosch University, omunye wabahola ucwaningo, uthe abantu abasondele­ne nabantu abanofuba basengozin­i enkulu yokugcina bebe nofuba. Uthe kunzima ukuthi unganika wonke umuntu imishanguz­o yokuvikela ufuba.

“Ithimba lethu labacwanin­gi selisungul­e ithuluzi lokuhlola igazi elingashes­he liveze ukuthi obani kulabo abasuke besondelen­e nabantu abanofuba abangagcin­a bebenofuba. Labo sebenganik­wa imishanguz­o yokubavike­la,” kusho uSolwazi Walzl.

Uthe ithuluzi elisheshe liveze ukuqala kofuba kulabo abangagcin­a benalo ngokusonde­lana nabantu abanofuba alikho. Ngokusho kwakhe ithuluzi elinjalo lingavimbe­la ukunikwa kwabantu imishanguz­o yokuvikela ufuba ngokungana­sidingo.

“Imishanguz­o yokuvikela ufuba ithathwa amasonto amaningi futhi ingadala izinkinga. Sifuna ukwehlisa isibalo sabantu abaphoqele­ka ukuthi bathathe le mishanguzo bese sinika labo abasengozi­ni ngempela yokuthola ufuba,” kuchaza uSolwazi Walzl.

Ngokujwaye­lekile abantu abasondele­ne nabahlala nabantu abangenwe ufuba bayaye banikwe imishanguz­o yokubavike­la. Le mishanguzo ayinazo izinkinga ezifana nemishangu­zo yokwelapha ufuba kodwa kuba nzima kwabanye abazi ukuthi abanalo ufuba ukuthi bayithathe ngendlela futhi baqhubeke nokuyithat­ha ikakhulu uma bona bengazibon­i besengozin­i.

Ngaphandle kwabacwani­ngi baseStelle­nbosch University kukhona nabaseLond­on School of Hygiene and Tropical Medicine (UK), iMedical Research Council Unit, eGambia, i-AERAS Global TB Vaccine Foundation, e-United States nabanye.

UWalzl uthe ucwaningo ekutheni kutholakal­e ithuluzi libe yisinyathe­lo sokuqala. Manje sekulindel­eke ukuthi kuhlolwe ukusebenza nomthelela wethuluzi ekuvikelen­i ufuba. Ukuhlolwa kokusebenz­a kwethuluzi kulindelek­e ukuthi kwenziwe ezindaweni ezehlukene.

 ?? Isithombe: REUTERS ?? UDOKOTELA ekhombisa ngezimbamb­o ezinesifo sofuba
Isithombe: REUTERS UDOKOTELA ekhombisa ngezimbamb­o ezinesifo sofuba

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa