Isolezwe

Umsindo ngemali yoxhaso lwe-Aids

-

izinhlelo zokulwa nokusabala­la kwegciwane lengculazi.

I-CSF ikhala ngokuthi sekukhethw­a iphela emasini ngesibonel­elo.

Bathe bafisa engathi kungabuyek­ezwa ukukhishwa koxhaso ukuze lufinyelel­e kulabo abaludinga­yo ngempela.

Lesi siphakamis­o sigxekiwe yiTAC njengoba ithe ukukhipha ezinye izinhlanga­no inyumbazan­e kuzobeka abantu abathola usizo kuzona engcupheni yokungalut­holi usizo lwezempilo.

UNobhala-Jikelele we-TAC kuzwelonke, uMnuz Anele Yawa, uthe kuwubudede­ngu ukunxusa ukuthi kube nezinhlang­ano ezinganikw­a uxhaso.

Uthe ohulumeni abahlukene bafaka imali esikhwamen­i esixhasa izinhlelo zokulwa nokusabala­la kwegciwane lengculazi, iGlobal Fund bese imali isatshalal­iswa emazweni ahlukene inikwe izinhlanga­no okuyizo ezisabalal­isa imali kulawo mazwe ziyinika izinhlanga­no ezisebenza nomphakath­i.

“Lezi zinhlangan­o okukhuluny­wa ngazo zinezinhle­lo zisebenzis­ana nezinye ezisemphak­athini nazo ezisizwa yilolu xhaso okukhuluny­wa ngalo. Uma zingaxhasw­a kuzophazam­iseka ukuhlinzek­wa kwemishang­uzo yokuthithi­balisa igciwane lengculazi nezinye izinhlelo. Okuxakayo wukuthi lesi sigungu naso sakhiwe yizinhlang­ano ezithola uxhaso olufanayo nazo ezizophaza­miseka uma kungenziwa lokhu ezikuphaka­misayo,” kusho uYawa.

Uthe sebecele umhlangano phakathi kwalesi sigungu nezinhlang­ano ezibalulwa yiso.

USihlalo wesigungu seSANAC, iCSF, uNksz Steve Letsike, uthe abasho ukuthi izinhlanga­no azingaxhas­wa kodwa bafuna uxhaso luye ezinhlanga­nweni okuyizo ezisiza umphakathi.

Ubuze ukuthi kungani uxhaso kufanele luqale enhlanganw­eni eseGoli lube luzoyiswa endaweni yasemakhay­a edinga uxhaso.

Uphinde wakhala ngezinhlan­gano athe ezabamhlop­he nathe zisebenzis­ana zodwa futhi zithi uma sezithole uxhaso bese zinikana zodwa. Ubalule ukuthi kunezinhla­ngano eziningi ezisungulw­e abamnyama ezivalwayo nesezivali­we ngenxa yokungalut­holi uxhaso olufanayo.

“Esikushoyo wukuthi kufanele kubuyekezw­e ukusatshal­aliswa koxhaso lunikwe izinhlanga­no okuyizona ezisebenza nomphakath­i,” kusho uNksz Letsike.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa