Umsindo ngemali yoxhaso lwe-Aids
izinhlelo zokulwa nokusabalala kwegciwane lengculazi.
I-CSF ikhala ngokuthi sekukhethwa iphela emasini ngesibonelelo.
Bathe bafisa engathi kungabuyekezwa ukukhishwa koxhaso ukuze lufinyelele kulabo abaludingayo ngempela.
Lesi siphakamiso sigxekiwe yiTAC njengoba ithe ukukhipha ezinye izinhlangano inyumbazane kuzobeka abantu abathola usizo kuzona engcupheni yokungalutholi usizo lwezempilo.
UNobhala-Jikelele we-TAC kuzwelonke, uMnuz Anele Yawa, uthe kuwubudedengu ukunxusa ukuthi kube nezinhlangano ezinganikwa uxhaso.
Uthe ohulumeni abahlukene bafaka imali esikhwameni esixhasa izinhlelo zokulwa nokusabalala kwegciwane lengculazi, iGlobal Fund bese imali isatshalaliswa emazweni ahlukene inikwe izinhlangano okuyizo ezisabalalisa imali kulawo mazwe ziyinika izinhlangano ezisebenza nomphakathi.
“Lezi zinhlangano okukhulunywa ngazo zinezinhlelo zisebenzisana nezinye ezisemphakathini nazo ezisizwa yilolu xhaso okukhulunywa ngalo. Uma zingaxhaswa kuzophazamiseka ukuhlinzekwa kwemishanguzo yokuthithibalisa igciwane lengculazi nezinye izinhlelo. Okuxakayo wukuthi lesi sigungu naso sakhiwe yizinhlangano ezithola uxhaso olufanayo nazo ezizophazamiseka uma kungenziwa lokhu ezikuphakamisayo,” kusho uYawa.
Uthe sebecele umhlangano phakathi kwalesi sigungu nezinhlangano ezibalulwa yiso.
USihlalo wesigungu seSANAC, iCSF, uNksz Steve Letsike, uthe abasho ukuthi izinhlangano azingaxhaswa kodwa bafuna uxhaso luye ezinhlanganweni okuyizo ezisiza umphakathi.
Ubuze ukuthi kungani uxhaso kufanele luqale enhlanganweni eseGoli lube luzoyiswa endaweni yasemakhaya edinga uxhaso.
Uphinde wakhala ngezinhlangano athe ezabamhlophe nathe zisebenzisana zodwa futhi zithi uma sezithole uxhaso bese zinikana zodwa. Ubalule ukuthi kunezinhlangano eziningi ezisungulwe abamnyama ezivalwayo nesezivaliwe ngenxa yokungalutholi uxhaso olufanayo.
“Esikushoyo wukuthi kufanele kubuyekezwe ukusatshalaliswa koxhaso lunikwe izinhlangano okuyizona ezisebenza nomphakathi,” kusho uNksz Letsike.