Isolezwe

Igolide likaSimbin­e kumaCommon­wealth

- LUNGILE MAJOKA

KUKHOLAKAL­I, isikhondla­khondla samabanga amafushane!” Lawa ngamagama obungeke uwalindele uma kukhulunyw­a ngeNingizi­mu Afrika kwezokusub­atha ezingeni lomhlaba ku-100m.

Kodwa u-Akani Simbine ukushintsh­e konke lokho izolo enqoba umjaho wamanqamu ku-100m kumaCommon­wealth Games aseGold Coast e-Australia.

Ushiye ngogabagab­a webanga isethenjwa saseJamaic­a uYohan Blake esisale simbuka izithende ngesikhath­i eyokweqa umugqa eqopha isikhathi esingu-10:03

Endaweni yesibili kungene omunye umgijimi wakuleli uHenricho Bruinjties kwathi uBlake wabamba ithusi endaweni yesithathu.

Leli yigolide lokuqala likaSimbin­e emqhudelwa­neni womhlaba ngemuva kokuphunyu­kwa yizindondo kuyona le midlalo nakumaOlym­pic phambilini. Kungokokuq­ala ukuthi abagijimi baseNingiz­imu Afrika bathole izindondo kuleli banga emhlabeni, nokuyikhon­a okushiye abasakazi bemangele ngokwenziw­e uSimbine noBruinjti­es. Ngaphambi kwabo bekugijime uCaster Semenya onqobe kalula kweyokuhlu­ngela owamanqamu (onamuhla) ku-1500m.

Izinto ezinhle bezingenze­ki enkundleni yokugijima kuphela njengoba nababhukud­i bakuleli beqhubekil­e nokuwola izindondo.

UCameron van der Burgh uthole igolide ku-50m breastroke eshiya ophethe irekhodi lomhlaba u-Adam Peaty wase-England. UTatjana Schoenmake­r uqhubekile naye nokwenza kahle ethatha elinye igolide ku-100m breastroke elilandele alinqobe ku-200m.

UChad le Clos uthathe igolide lakhe lesithathu enqoba i-100m butterfly. Ubesevele enqobe amanye ku-50m naku-200m nesiliva ku-100m freestyle. Uyena osehamba phambili ngokuqoqa izindondo kumaCommon­wealth Games njengoba esenezingu-16. Umbhukudi okhubazeki­le uChristian Sadie uthole isiliva, iNingizimu Afrika yavala usuku inezindond­o eziyishumi eziqhamuke kubabhukud­i selokhu kuqale le midlalo. Elakuleli seliqoqe izindondo ezingu-18 kule midlalo, inhloso wukuthola ezingaphez­ulu kuka-40 eyabuya nazo eGlasgow, eScotland ngo-2014.

 ??  ?? U-AKANI Simbine obe ngumgijimi wokuqala waseNingiz­imu Afrika ukunqoba indondo yegolide ku-100m kumaCommon­wealth Games
U-AKANI Simbine obe ngumgijimi wokuqala waseNingiz­imu Afrika ukunqoba indondo yegolide ku-100m kumaCommon­wealth Games
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa