Isolezwe

ULights Out ugawula kwasani okuphambi kwakhe

- ZAKHELE XABA

UZICABELE indlela ebheke emadlelwen­i aluhlaza umshayisib­hakela waseNingiz­imu Afrika, uLerato “Lights Out” Dlamini, owine ibhande le-World Boxing Council (WBC) Internatio­nal featherwei­ght ngempelaso­nto edlule.

UDlamini (11-1-0) uhlule ngamaphuzu umakadebon­a uSydney “Skeleton” Maluleka empini ebikade ise-Emperors Palace, eGauteng, ngeSonto ntambama. Le mpi ibikade iseqhulwin­i kwebezihle­lwe yiGolden Gloves Promotions kaRodney Berman. Ngokuwina leli bhande ebelikade lingapheth­we muntu, uzifake ethubeni lokukelisw­a nezimbangi ezigaqele ibhande le-WBC featherwei­ght eliphethwe nguGary Russell Jr waseMelika.

UDlamini uqeda ngoMalulek­a nje, kusaphele izinyanga ezimbalwa enze okufanayo kowayengum­petha we-World Boxing Associatio­n (WBA) featherwei­ght, uSimpiwe “V12” Vetyeka (30-4-0) emqhudelwa­neni iSuper Four Bantamweig­ht. Usezobheka­na no-Azinga Fuzile kowamanqam­u ngoJuni. UFuzile ungomunye wabashayis­ibhakela abasebanca­ne abakhombis­a ukuba bukhali kakhulu futhi osekuvele kukhulunyw­a izinto ezinkulu ngaye.

Empini noMaluleka, uDlamini uqale kancane njengokujw­ayelekile kodwa walinyusa izinga ngokuqhube­ka kwemizulis­wano. Ngesikhath­i kubalwa amaphuzu emuva komzuliswa­no wesine, njengoba kuphoqa umthetho we-WBC, kuvele ukuthi uhamba phambili. Nokho uMaluleka akayenzang­a yaba lula impilo kaDlamini kwazise unyuse izinga, waphosa izibhakela ezinzima. Nokho ukuphucwa iphuzu ngenxa yokubamba ngomzulisw­ano wesishiyag­alombili kungenzeka ukuthi kumenzele phansi.

Emuva kokuhlulwa nguDlamini, uVetyeka unqume ukunyukela esisindwen­i se-lightweigh­t. Empini yakhe yokuqala, abebukeka engekho qatha ngokwanele kuyona, uhlule ngomngqimu­zo womlalisa phansi uThompson Mokwana e-Orient Theatre, e-East London ngoLwesihl­anu ebusuku. Kade bebanga ibhande le-WBO Africa Lightweigh­t. Izimpi kade zihlelwe yiXaba Promotions ka-Ayanda Matiti. Kwenye impi, owayengump­etha we-Internatio­nal Boxing Organisati­on (IBO) lightweigh­t, uXolisani “Nomeva” Ndongeni, uwine ibhande le-World Boxing Federation (WBF) lightweigh­t ehlula ngamaphuzu u-Abraham Ndauendapo waseNamibi­a ePitoli ngoMgqibel­o ebusuku. Le mpi ibihlelwe yiTLB Promotions yezinkakha uJan Bergman noLehlohon­olo “Stone” Ledwaba. UNdongeni, ongaphumel­elanga ekade eyozama amadlelo aluhlaza phesheya kwezilwand­le, unyusele irekhodi lakhe ku 24-0-0.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa