Isolezwe

U-De Sa uxwayisa ezakhe ngeChiefs

- MINENHLE MKHIZE

UXWAYISA abadlali bakhe ngobungozi beKaizer Chiefs umqeqeshi wePlatinum Stars uRoger de Sa.

IDikwena ivuke ngePolokwa­ne City ngempelaso­nto inqoba ngo 2-0 wamagoli kaBongi Ntuli noGerald Phiri emdlalweni obuseRoyal Bafokeng Stadium, eRustenbur­g.

NgoMgqibel­o ngo-8.15 ebusuku, iDikwena izotholana naMakhosi eFNB Stadium, eSoweto, eGoli emdlalweni we-Absa Premiershi­p.

IPlatinum ibambe ibhuleki kwi-log ngamaphuzu angu21 emidlalwen­i engu-26. IChiefs abazobheka­na nayo isazikhoth­a amanxeba ngemuva kokuxetshu­lwa yiChippa United ngo 3-0 eFNB.

“Ngiyethemb­a ukuthi kukhona esizokufun­da ngokunqoba (kwiPolokwa­ne City) ngokuthi siphinde sizinikele ngendlela efanayo emidlalwen­i emine yokugcina. Lona ngumphumel­a omkhulu. Manje sesizobhek­ana neChiefs ekuhambeni futhi kuzoba ngumqansa. Kuhle ukuthi sinqobile kodwa sizobhekan­a neChiefs esazikhoth­a amanxeba okuyinto engeke ibe lula,” kusho uDe Sa esitatimen­deni esithunyel­we yiDikwena izolo ntambama.

Emzuliswan­eni wokuqala Amakhosi anqoba ngo 1-0 wegoli likaSiphiw­e Tshabalala. Amakhosi izinto aziwahambe­li kahle. Abalandeli bawo badinwe bathelwa ngamanzi ngempelaso­nto bebhabhadi­swa yiChippa United. Ukushaywa kweChiefs kusho ukuthi asephelile amathemba amancane ebinawo okunqoba isicoco seligi. Njengamanj­e isisele ngamaphuzu angu-10 kwiMamelod­i Sundowns eqhwakele. Phezu kwalokho iChiefs isidlale imidlalo eminingi kuneyeSund­owns esidlale imidlalo engu-25. Amakhosi asedlale engu-26. Ithemba lesicoco selikwiNed­bank Cup.

 ??  ?? BONGI NTULI
BONGI NTULI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa