UMcCarthy unethemba ngeBafana
OWAYEWUNYAZI lomgadli weBafana Bafana, uBenni McCarthy, akangabazi ukuthi iNingizimu Afrika izozibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba.
IBafana izoyibuka kuthelevishini iNdebe yoMhlaba eseRussia ngoJuni kodwa uMcCarthy, osecija iCape Town City, ukholwa wukuthi izozibekisela indawo eQatar ngo2022.
IBafana sekuphele iminyaka yagcina ukuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ngezithukuthuku zayo. Ngo-2010 yadlala kwiNdebe yoMhlaba ngenxa yokuthi yayingosokhaya.
IBafana yagcina ukudlala kweyoMhlaba ngezithukuthuku zayo ngo-2002 ngesikhathi ifakwa nguCarlos Queiroz wasePortugal. Ngo-2006 iBafana ihluleke yancama eGermany. Ibingabonwa nangokhalo ngo-2014 eBrazil njengoba ingekho namanje eRussia.
Ngo-2020 iBafana izobe iqeda iminyaka ewu-20 yagcina ukudlala kwiNdebe yoMhlaba.
“Ngeneme ukubona abadlali abancane oThabo Nodada noCraig Martin benyusa izinga. Ngiyethemba ukuthi bazoqhubeka nokuzinikela. Buka nje uNdlovu (esho uSiphesihle weMaritzburg United), nabanye banethuba lokulwela indawo kwiBafana. Basebancane futhi bavunywa yiminyaka. Kuyinto enhle ukwanda kwesibalo sabadlali abancane abanekhono. Ikusasa seliqala ukuqhakaza kwiBafana njengoba la badlali abancane bekhula imidlalo nemidlalo. Asethembe ukuthi ngo-2022 sizobe sikhona kwiNdebe yoMhlaba eQatar. Nakanjani kumele sibekhona futhi ngikholwa wukuthi sizongena,” kusho uMcCarthy.
IBafana isadlale kwiNdebe yoMhlaba kathathu. Ibambe iqhaza okokuqala ngo-1998 eFrance. Ngo-2002 iBafana idlale kwiNdebe yoMhlaba okwesibli eKorea/Japan. Abanye abadlali abancane abashaya into ecokeme emaqenjini abo nguSiphelele Magubane weLamontville Golden Arrows, Wiseman Meyiwa noSiyabonga Ngezana beKaizer Chiefs kanti noPercy Tau kwiMamelodi Sundowns ulokhu elikhuphule njalo izinga.