Igolide likaSimbine kumaCommonwealth
KUKHOLAKALI, isikhondlakhondla samabanga amafushane!” Lawa ngamagama obungeke uwalindele uma kukhulunywa ngeNingizimu Afrika kwezokusubatha ezingeni lomhlaba ku-100m.
Kodwa u-Akani Simbine ukushintshe konke lokho izolo enqoba umjaho wamanqamu ku-100m kumaCommonwealth Games aseGold Coast e-Australia.
Ushiye ngogabagaba webanga isethenjwa saseJamaica uYohan Blake esisale simbuka izithende ngesikhathi eyokweqa umugqa eqopha isikhathi esingu-10:03
Endaweni yesibili kungene omunye umgijimi wakuleli uHenricho Bruinjties kwathi uBlake wabamba ithusi endaweni yesithathu.
Leli yigolide lokuqala likaSimbine emqhudelwaneni womhlaba ngemuva kokuphunyukwa yizindondo kuyona le midlalo nakumaOlympic phambilini. Kungokokuqala ukuthi abagijimi baseNingizimu Afrika bathole izindondo kuleli banga emhlabeni, nokuyikhona okushiye abasakazi bemangele ngokwenziwe uSimbine noBruinjties. Ngaphambi kwabo bekugijime uCaster Semenya onqobe kalula kweyokuhlungela owamanqamu (onamuhla) ku-1500m.
Izinto ezinhle bezingenzeki enkundleni yokugijima kuphela njengoba nababhukudi bakuleli beqhubekile nokuwola izindondo.
UCameron van der Burgh uthole igolide ku-50m breastroke eshiya ophethe irekhodi lomhlaba u-Adam Peaty wase-England. UTatjana Schoenmaker uqhubekile naye nokwenza kahle ethatha elinye igolide ku-100m breastroke elilandele alinqobe ku-200m.
UChad le Clos uthathe igolide lakhe lesithathu enqoba i-100m butterfly. Ubesevele enqobe amanye ku-50m naku-200m nesiliva ku-100m freestyle. Uyena osehamba phambili ngokuqoqa izindondo kumaCommonwealth Games njengoba esenezingu-16. Umbhukudi okhubazekile uChristian Sadie uthole isiliva, iNingizimu Afrika yavala usuku inezindondo eziyishumi eziqhamuke kubabhukudi selokhu kuqale le midlalo. Elakuleli seliqoqe izindondo ezingu-18 kule midlalo, inhloso wukuthola ezingaphezulu kuka-40 eyabuya nazo eGlasgow, eScotland ngo-2014.