U-De Sa uxwayisa ezakhe ngeChiefs
UXWAYISA abadlali bakhe ngobungozi beKaizer Chiefs umqeqeshi wePlatinum Stars uRoger de Sa.
IDikwena ivuke ngePolokwane City ngempelasonto inqoba ngo 2-0 wamagoli kaBongi Ntuli noGerald Phiri emdlalweni obuseRoyal Bafokeng Stadium, eRustenburg.
NgoMgqibelo ngo-8.15 ebusuku, iDikwena izotholana naMakhosi eFNB Stadium, eSoweto, eGoli emdlalweni we-Absa Premiership.
IPlatinum ibambe ibhuleki kwi-log ngamaphuzu angu21 emidlalweni engu-26. IChiefs abazobhekana nayo isazikhotha amanxeba ngemuva kokuxetshulwa yiChippa United ngo 3-0 eFNB.
“Ngiyethemba ukuthi kukhona esizokufunda ngokunqoba (kwiPolokwane City) ngokuthi siphinde sizinikele ngendlela efanayo emidlalweni emine yokugcina. Lona ngumphumela omkhulu. Manje sesizobhekana neChiefs ekuhambeni futhi kuzoba ngumqansa. Kuhle ukuthi sinqobile kodwa sizobhekana neChiefs esazikhotha amanxeba okuyinto engeke ibe lula,” kusho uDe Sa esitatimendeni esithunyelwe yiDikwena izolo ntambama.
Emzuliswaneni wokuqala Amakhosi anqoba ngo 1-0 wegoli likaSiphiwe Tshabalala. Amakhosi izinto aziwahambeli kahle. Abalandeli bawo badinwe bathelwa ngamanzi ngempelasonto bebhabhadiswa yiChippa United. Ukushaywa kweChiefs kusho ukuthi asephelile amathemba amancane ebinawo okunqoba isicoco seligi. Njengamanje isisele ngamaphuzu angu-10 kwiMamelodi Sundowns eqhwakele. Phezu kwalokho iChiefs isidlale imidlalo eminingi kuneyeSundowns esidlale imidlalo engu-25. Amakhosi asedlale engu-26. Ithemba lesicoco selikwiNedbank Cup.