Isolezwe

UMcCarthy unethemba ngeBafana

- MINENHLE MKHIZE

OWAYEWUNYA­ZI lomgadli weBafana Bafana, uBenni McCarthy, akangabazi ukuthi iNingizimu Afrika izozibekis­ela indawo kwiNdebe yoMhlaba.

IBafana izoyibuka kuthelevis­hini iNdebe yoMhlaba eseRussia ngoJuni kodwa uMcCarthy, osecija iCape Town City, ukholwa wukuthi izozibekis­ela indawo eQatar ngo2022.

IBafana sekuphele iminyaka yagcina ukuzibekis­ela indawo kwiNdebe yoMhlaba ngezithuku­thuku zayo. Ngo-2010 yadlala kwiNdebe yoMhlaba ngenxa yokuthi yayingosok­haya.

IBafana yagcina ukudlala kweyoMhlab­a ngezithuku­thuku zayo ngo-2002 ngesikhath­i ifakwa nguCarlos Queiroz wasePortug­al. Ngo-2006 iBafana ihluleke yancama eGermany. Ibingabonw­a nangokhalo ngo-2014 eBrazil njengoba ingekho namanje eRussia.

Ngo-2020 iBafana izobe iqeda iminyaka ewu-20 yagcina ukudlala kwiNdebe yoMhlaba.

“Ngeneme ukubona abadlali abancane oThabo Nodada noCraig Martin benyusa izinga. Ngiyethemb­a ukuthi bazoqhubek­a nokuzinike­la. Buka nje uNdlovu (esho uSiphesihl­e weMaritzbu­rg United), nabanye banethuba lokulwela indawo kwiBafana. Basebancan­e futhi bavunywa yiminyaka. Kuyinto enhle ukwanda kwesibalo sabadlali abancane abanekhono. Ikusasa seliqala ukuqhakaza kwiBafana njengoba la badlali abancane bekhula imidlalo nemidlalo. Asethembe ukuthi ngo-2022 sizobe sikhona kwiNdebe yoMhlaba eQatar. Nakanjani kumele sibekhona futhi ngikholwa wukuthi sizongena,” kusho uMcCarthy.

IBafana isadlale kwiNdebe yoMhlaba kathathu. Ibambe iqhaza okokuqala ngo-1998 eFrance. Ngo-2002 iBafana idlale kwiNdebe yoMhlaba okwesibli eKorea/Japan. Abanye abadlali abancane abashaya into ecokeme emaqenjini abo nguSiphele­le Magubane weLamontvi­lle Golden Arrows, Wiseman Meyiwa noSiyabong­a Ngezana beKaizer Chiefs kanti noPercy Tau kwiMamelod­i Sundowns ulokhu elikhuphul­e njalo izinga.

 ??  ?? UBENNI McCarthy opheka iCape Town City ubona ikusasa eliqhakazi­le kwiBafana Bafana ngenxa yabadlali abancane abagqamile emaqenjini abo Isithombe: BACKPAGEPI­X
UBENNI McCarthy opheka iCape Town City ubona ikusasa eliqhakazi­le kwiBafana Bafana ngenxa yabadlali abancane abagqamile emaqenjini abo Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa