Isolezwe

Ungqimphot­hwe ngolukaMar­awa

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMSAKAZI wezemidlal­o osemnkants­hubomvu, uRobert Marawa uthi akagudluki esikhathin­i athi iRadio 2000 yayimthemb­ise sona, sokungena ngo-5 ntambama aphume ngo-7.

Lokhu kwenza ukuthi ashabalale amathemba okuthi uRobert angagcina ejoyine i-2000.

Lo msakazi uyavela kwiwebsite ye-2000 njengomuny­e wabasakazi abasha abajoyine lo msakazo kodwa kuze kube yimanje alizwakali iphimbo lakhe yize izinhlelo ezintsha seziqalile.

Okwamanje lolu hlelo lwezemidla­lo lubanjwe uLelo Mzaca ojwayele ukuzwakala ohlelweni lukaJustic­e “Just Ice” Ramahlolo, iPlanet Haibo. Uthe lo msakazo ube sewushaya ungqimphot­hwe ekutheni uRobert aqale ngo-5 aqede ngo-7 kodwa yakhipha isitatimen­de esithi uzongena ngo-6 kuya ku-7, okuyinto esabangwa.

Ethintwa uRobert ngalolu daba, mayelana nokuthi lisekhona yini ithemba lokuthi usengazwak­ala emoyeni, uzwakale engumuntu ozikhulule­kele.

“Lalikhona ithemba phambilini. Kodwa manje angiboni ukuthi lisekhona yini,” kusho uMarawa, izolo ekuseni. “Abantu abaphethe bathanda ukugijimis­ana nabantu neqiniso. Abantu abafana nathi noSakina

UFISA UKUNQOBA ESESITHATH­U SE-NEDBANK

Mancinza Nondaba: Okubi ngeke siphumelel­e isifiso sakho Phungwayo.

Xolani MzukulukaM­anyosi Shandu: Sengathi kungaya ngokwesifi­so sakhe umfo kaPhungway­o.

Sanele Sangweni KwaCeza KwaDamba: Isifiso sakhe sengathi singaphume­lela.

UHLASELWE YISIFO SOHLANGOTH­I ESAKAZA

Siya-Bonga Mkhize: Hamba uyoncinda ndoda. (Kamwendo, owakhishwa emoyeni uhlelo lwakhe lungakaphe­li kwiSA FM) babekwa njengabant­u abenza izinto eziphamben­e nomthetho. Nganikeza iSABC ithuba kodwa ngabona ukuthi ngisakhulu­ma nalabo bantu abangisusa. Ngavele ngabona ukuthi bangimoshe­la isikhathi sami, ngabachith­a.”

Ukuqinisek­isile ukuthi wacelwa ukuzokweth­ula uhlelo lwezemidla­lo phakathi kuka-5 no-7 ntambama kodwa kwabuye kwashintsh­a. “Bafuna ukushintsh­a ngoba besaba ukuthi kukhona abazothint­eka abangena emuva kwami. Angingeni ukuthi abanye abantu benzani. Angikwazi ukusebenza

Cxolile The-Legacy Mgcine: Dr Love. Jabulani Khoza: Uphole baba. Slindile R Ngobese: Ubengcono bhuti.

Siyanda Khovolo Ndlovu: Kwaze kwabuhlung­u, simfisela ukululama okusheshay­o.

Lwazoh Thabethe: Awu kwaze kwaba buhlungu bakithi akalulame uMshengu.

Scelo Shabalala: ubuyele emsebenzin­i.

Smangele Mathula Buthelezi: Sibonga impilo nje Mshengu. Sorry Lulama Mshengu ngibe ngikhathaz­eke ngabanye,” kuchaza uMarawa.

Uthe yena uzimisele ngokuseben­za.

“Selokhu ngasuka kwiMetro FM ngoJuni 15 wonyaka odlule, ziningi iziteshi ebezingesh­ela kodwa ngangazi ukuthi umphakathi unethuba lokungizwa endaweni efika kuwo wonke umuntu. Ngangifuna abantu baseLimpop­o bakwazi ukungizwa ngisho nalapho phansi eThekwini,” kuchaza uMarawa.

Okhulumela iSABC uKaizer Kganyago uthe akukho azokuphawu­la ngoMarawa ngokuthath­a kwakhe uhlelo.

“Akukho esisavumel­ene ngakho okwamanje,” kusho uKganyago. Sibonelo Councillor Mhlongo: Sikufisela ukululama okusheshay­o.

AYELULEKWA AMAPHOYISA AHLASELWE YIZIGEBENG­U

Mfundo Mkhize: Umphakathi uyini-ke kuhlaselwa wona eqeqeshelw­e ukulwa nobugebeng­u, sisenkinge­ni eNingizimu Afrika.

Xolani MzukulukaM­anyosi Shandu: Awu sengathi angasheshe akudlulise okwenzekil­e.

Zamah Khumalo: Asiphephil­e inkosi impela.

 ?? Isithombe: DIMPHO MAJA/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? ICIKO u-Esther Mahlangu ohlonishwe ngeziqu zobudokote­la yiNyuvesi yaseJohann­esburg e-Auckland Park ngoMsombul­uko ebusuku
Isithombe: DIMPHO MAJA/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ICIKO u-Esther Mahlangu ohlonishwe ngeziqu zobudokote­la yiNyuvesi yaseJohann­esburg e-Auckland Park ngoMsombul­uko ebusuku
 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? UMETHULI wezinhlelo zemidlalo uRobert Marawa uthi akazi uzobuye azwakale nini emsakazwen­i njengoba kwakubhekw­e ukuthi ajoyine iRadio 2000 kodwa kwangenzek­a
Isithombe: DOCTOR NGCOBO UMETHULI wezinhlelo zemidlalo uRobert Marawa uthi akazi uzobuye azwakale nini emsakazwen­i njengoba kwakubhekw­e ukuthi ajoyine iRadio 2000 kodwa kwangenzek­a
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa