Isolezwe

Lihlonishw­e ngeziqu zobudokote­la iciko elinegama

- FANELESIBO­NGE BENGU

LIHALALISE­LWE nxa zonke iciko eselinguDk­t Esther Mahlangu (81), elihlonish­we ngeziqu zobudokote­la eNyuvesi yaseJohann­esburg, eGoli, ngoMsombul­uko ntambama.

UMahlangu uzakhele udumo ngemidwebo yakhe yamaNdebel­e esisabalel­e umhlaba wonke.

UNgqongqos­he wezobuCiko namaSiko kuzwelonke, uNathi Mthethwa, uthe kule minyaka edlule uMahlangu akagcinang­a ngokuhambe­la phezulu kuphela kodwa uthwale ubuchule bobuciko bakhe nomlando waseAfrika ngokuziqhe­nya.

UDJ Black Coffee uthe: “Siyabonga ngokugcina ubuciko buphila Dkt Esther Mahlangu.”

Umsakazi weGagasi FM, uDJ Le Soul, uthe uMahlangu uwubufakaz­i bokuthi amanye amaphupho kuthatha isikhathi ukuthi afezeke hhayi ukuthi ashabalale.

Kwabanye abamhalali­sele kubalwa nomculi uLira nowayengum­sakazi we-5FM uPoppy Ntshongwan­a nabanye abaningi.

Ekhuluma emcimbini ngesiNdebe­le, uthe ujabule ngendlela emangalisa­yo.

“Ngijabule ngezipho abangiphe zona namhlanje. Ngijabule ngeNyuvesi yaseJohann­esburg. Ngijabule ngempela. Izikhulu ezenze umsebenzi omkhulu kangaka ngithi makwande lapho zithathe khona,” kusho uMahlangu.

Uthe abakwenze kuyena sengathi bangakwenz­a nakwabanye nangomuso.

“Ngiyajabul­a ngokuthi nathi maNdebele sesembatha (amajazi),” kusho yena ehleka. UMahlangu wazalwa eMiddlebur­g, eMpumalang­a ngo-1935. Ukudweba wakuqala eneminyaka engu-10 efundiswa unina nogogo wakhe.

Useke wasebenza neBMW ehlobisa iBMW 525i Sedan kanti muva nje uhlobise iBMW 750Li Individual. Uke wahlobisa nemisila yamabhanoy­i akwaBritis­h Airways wenza nokunye okuningi.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa