Isolezwe

Ingebhe kozithele ezinjeni ebezidla ugebhezi lomuntu

-

sathola ukuthi yilona ngempela,” kusho uDunn. Uthe uthuke woma washintsha nasebuswen­i ngesikhath­i sebeqinise­kisile nabanye ukuthi wugebhezi obelubangw­a yizinja zikamakhel­wane wakhe. UDunn uthe lesi sigameko sesishiye namalungu omphakathi ethukile njengoba ethe ambikele ukuthi kuke kwatholaka­la isidumbu sowesilisa sinamanxeb­a okudutshul­wa kulo ihlathi izinja eziphume kulo nogebhezi.

“Anginaso isiqinisek­iso sokuthi sitholakal­e nini isidumbu salona wesilisa. Abantu balapha bebesho ukuthi sebeyasaba endaweni abahlala kuyona manje njengoba kwenzeka izinto ezinje,” kusho uDunn.

Uthe ngesikhath­i amaphoyisa efika ababikele ukuthi azothumela uphiko lwamaphoyi­sa oluhamba nezinja oluzongena ehlathini nasesimobe­ni lubheke amathambo esidumbu esihambisa­na nogebhezi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, ukuqinisek­isile ukuthi namuhla kuzofunwa isidumbu emuva kokutholak­ala kogebhezi lomuntu luhudulwa yizinja ngoMsombul­uko.

Uthe amaphoyisa athintwe yilungu lomphakath­i liwabikela ngokuthola­kala kogebhezi.

“Izinja zibonwe yilungu lomphakath­i zihudula ikhanda. Bekuwugebh­ezi olungenasi­khumba. Ilungu lomphakath­i libe selishayel­a amaphoyisa ucingo libika ngalokhu,” kusho uZwane.

Uthe ithimba labatakuli lizobheka isidumbu esimobeni namuhla. UZwane uthe abazi noma umuntu wesifazane noma wesilisa yini ngoba alisabonak­ali ikhanda ukuthi elomuntu owubulili buni ngenxa yokonakala. Uthe kungenzeka ukuthi umuntu osekunesik­hathi eshonile.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa