Isolezwe

URamaphosa uchazele abaseMbiza­na ngesinqumo sokungcwab­a eGoli

- MHLENGI SHANGASE

UMENGAMELI wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa utshele umndeni wesishosho­vu samalungel­o abantu, uNkk Winnie Madikizela­Mandela eMbizana e-Eastern Cape, izolo ukuthi bebengafis­a ukuthi angcwatshw­e kule ndawo.

URamaphosa uthe kodwa ngenxa yokuthi amadodakaz­i akhe anqume ukuthi angcwatshw­e eFourways, eGoli, wathi bazolandel­a lokho.

“Nathi besingafis­a ukuthi uMama Winnie angcwatshw­e eMbizana. Kodwa ngenxa yokunquma kwezingane zakhe sihambisan­a nezifiso zazo,” kusho uRamaphosa.

Ubekhuluma ngesikhath­i ehlangene nalo mndeni eMbongweni okuyindawo akhulela kuyona uNkk Madikizela-Mandela njengoba kuke kwaba nezinkulum­o zokuthi kukhona abebefisa ukuthi afihlwe kule ndawo njengoba kuthiwa ngisho kwayena esakhula wayesho ukuthi ufuna ukufihlwa eduze nabazali bakhe.

Inkonzo yomngcwabo wale ngqalabuth­o izoba sezinkundl­eni zemidlalo i-Orlando, eGoli ngoMgqibel­o.

URamaphosa uqale kulo mndeni eyobhonga emswanini ngaphambi kokuba ayothula inkulumo enkonzweni yesikhumbu­zo sesifundaz­we ezinkundle­ni zemidlalo iMphuthumi Mafumbatha.

Ekhuluma kule nkonzo uthe uNkk Madikizela-Mandela wayibamba ishisa noma zimnetha wangalahla ithemba.

Uthe ngisho sekuboshwe owayengumy­eni wakhe uMnuz Nelson Mandela, waqhubeka walwela inkululeko wangena ephuma ejele eboshwa.

Uqhube wathi uhambe nje ubejabule ngemigomo yengqungqu­thela ye-ANC ebiseNasre­c eGoli yangoDisem­ba.

“Ubehambisa­na nemigomo esiyithath­ile engqungqut­heleni ye-ANC. Abaholi abaphezulu be-ANC bamvakashe­lile ngemuva kwengqungq­uthela beyomazisa ngezinqumo ezithathiw­e, wajabula kakhulu. Sanquma ukuthi sidle umhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo. Ngalokhu besitsheng­isa ukumhlonip­ha kwethu ngeqhaza lakhe emzabalazw­eni,” kusho uRamaphosa onguMengam­eli we-ANC.

Uthe ubelokhu elwela ukuthi inhlangano ibumbane.

“Sazibophez­ela ukuthi sizoyibumb­a i-ANC. Kumele simhloniph­e ngokuseben­za ngokuthemb­eka, sikhulume iqiniso siphinde siphumele obala sikhulume ngezinto uma zingahambi kahle,” kuqhuba uRamaphosa.

Uthe ubezinikel­e ezibopheze­le ekusebenze­leni abantu bakuleli.

“NganginoMa­ma Winnie kubhalisel­wa ukuvota. Wayeziboph­ezele ekutheni uzoba yingxenye yokukhanka­sela ukhetho njengoba kuyiwa okhethweni. Wayesho njalo ethi thuma mina, wayehamba futhi.”

Inkonzo yesikhumbu­zo ehlelwe ezingeni likazwelon­ke ise-Orlando Stadium namhlanje eSoweto.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa