Isolezwe

Useyagadwa oshushisa elaseGlebe

- NONTUTHUKO NGUBANE

USEYAGADWA umshushisi wecala labasolwa ngokuba ongqondong­qondo ekubulawen­i kwabantu ehostela laseMlaza, iGlebeland­s.

Lokhu kuvezwe umshushisi u-Advocate Dorian Paver, izolo eNkantolo yeMantshi eThekwini othe useyagadwa ngenxa yobucayi becala. UPaver kade etshela inkantolo izizathu zokuthi kungani kumele abasolwa benganikez­wa ibheyili kanti uthe leli cala libucayi yingakho egcine esephoqele­kile ukuba athole abazomgada imini nobusuku. “Kusukela ngoMgqibel­o ngiyagadwa amahora angu-24 ngosuku.

Konke lokhu kungenxa yokuthi ngiwumshus­hisi kuleli cala.”

Uthe bayisithup­ha abantu abamqaphay­o. Yize engazange aveze ukuthi uyasatshis­wa kodwa Isolezwe lilunywe indlebe yimithombo yalo eveze ukuthi umshushisi akaphephil­e emuva kwezinsong­o. UPaver noma eza ecaleni, ulandwa kwakhe aze abekwe phakathi enkantolo. Izolo beziqinile ezokupheph­a njengoba bekunamaph­oyisa angaphezul­u kwamahlanu ehlome eyizingovo­lo ngesikhath­i inkantolo iqhubeka.

U-Advocate Jimmy Howse we-Andile Dakela & Associates umele oMnuz Khayelihle Mbuthuma (28), Wonderboy Hlophe (45), Bhekukwazi Mdweshu (37) noNcomekil­e Ntsangase (34), uthe ukugadwa kukamshush­isi akusho lutho ngebheyili ecelwa abasolwa. “Ukuthi umshushisi uyagadwa ngeke ngasho ukuthi kufanele noma cha kodwa abasolwa abahlangen­e nokugadwa kwakhe. Ngeke babekwa icala, baze banqatshel­we nebheyili ngoba umshushisi ezizwa engaphephi­le.”UHowse usihoxisil­e isicelo sebheyili sikaMbuthu­ma, ngoba usegwetshw­e udilikajel­e kwelinye icala lowabulala ehostela laseMlaza.

Ummeli wabasolwa uthe kudlalwa ngabo laba ababoshiwe ngoba abanye amacala ababhekene nawo awabucayi njengoba kade kuvezwa phambilini. “Okunye okumele kubhekwe wukuthi ngokombiko wabaphenyi, kunamaqemb­u ahlukene alwayo ehostela ngakho ukugqunywa kwalaba basolwa kunezitha zabo ezikwamany­e amaqembu ezijabulay­o ngalokhu. Yizona lezo zitha ezibacinde­zelayo ukuba bagqunywe ejele noma kungafanel­e. Inkantolo ngicela idedele abasolwa, ngeke balibaleke­le icala.”

OMnuz Mbuyiselwa Mkhize (30), Vukani Mcobothi (30) noMondli Mthethwa (29) bamelwe ummeli wesihle uMnuz Peter Mhlongo.

UMhlongo izolo naye uhambe emazwini kaHowse wathi asikho isizathu esibambeka­yo esingenza ukuba abasolwa bagqunywe ejele. UMthethwa yena akasifakan­ga isicelo sebheyili.

Icala lihlehlise­lwe u-Ephreli 26.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa