Isolezwe

Kuphazamis­eke ukufunda kubhikishw­a

- KWANDOKUHL­E NJOLI

KUPHAZAMIS­EKE ukufunda izolo esikoleni samabanga aphansi eNkobongo, eShakaskra­al, ngesikhath­i umphakathi ubhikisha ngaphandle kwesango lesikole ufuna kuxoshwe uthishanhl­oko.

Umphakathi uvuke umbhejazan­e ubhikisha esangweni laseDinuph­ozo Primary ufuna ukuthi kuqashwe uthishanhl­oko wasendawen­i kwaphazami­seka usuku lokuvulwa kwezikole.

Kuthiwa amalungu omphakathi afike ekuseni abhikisha esangweni lesikole, avimba uthishanhl­oko, uNkk TP Zuma (elingathol­akalanga igama lakhe).

Ngokusho komthombo weSolezwe ongathanda­nga ukudalulwa, akukho okubambeka­yo okwenza umphakathi ungamfuni uthishanhl­oko. Kuthiwa isimo besivele singesihle ngoba kade kwaqala ukungafunw­a kukathisha­nhloko, okuthintek­a kuzo izinhlaka ezahlukene zomphakath­i okubalwa kuzo neSadtu.

Umthombo othembekil­e osesigungw­ini sokulawulw­a kwesikole, uthe uthishanhl­oko uxoshwa ngenxa yokuthi akasiye owendawo futhi basebaning­i othisha abangesibo­na abendawo abasazoxos­hwa yize isigungu ingavumela­ni nalokhu.

Uthishanhl­oko unqabile ukuphawula wacela kuthintwe uMnyango wezeMfundo.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mthethwa, usigxekile isenzo somphakath­i.

“Akuvumelek­ile ukuthi amalungu omphakathi nenyunyana ixoshe umuntu. Wumnyango oqasha othisha, yiwona futhi kuphela ovumelekil­e ukuxosha othisha,” kusho uMthethwa.

UNksz Nomarashiy­a Caluza, uNobhala weSadtu esifundazw­eni, uphikile ukuthi iSadtu iyathintek­a odabeni lokuxosha uthishanhl­oko.

“Sifisa ukuthi umnyango ungenelele ngoba iSadtu ayikaze ixoshe thisha ngoba ayinalo ilungelo lokuxosha,” kusho uNksz Caluza.

Uthe uthishanhl­oko uyilungu leSadtu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa