Isolezwe

Izikole zithole izinto zokuthutha

- KWANDOKUHL­E NJOLI

KUQHILIKE izihlathi kubafundi basezikole­ni ezingu-12 zaseNquthu izolo bethola izinto zokuthutha okungamabh­asi namatekisi njengoba kwayalela inkantolo yaseMgungu­ndlovu nyakenye.

Laba bafundi sebezohamb­a kalula nsuku zonke uma beya ezikoleni njengoba inhlangano i-Equal Education (EE) yaya enkantolo ifuna kuphoqwe uMnyango wezeMfundo esifundazw­eni ukuthi uhlinzeke ngezinto zokuthutha laba bafundi.

Abanye babafundi bakhala ngokuthi bahamba amabanga amade, basuka emakhaya kusemnyama babuye ebusuku. Abanye babo bathi baze baba yizisulu zokudlweng­ulwa ngenxa yokuhamba ezindaweni ezingaphep­hile.

Njengoba izolo izikole bezivulelw­a ikota yesibili yonyaka, kube yinjabulo yodwa kulaba bafundi sebethola amabhasi.

UNgqongqos­he wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Mthandeni Dlungwane wazibophez­ela ekutheni uzowuhloni­pha aphinde awulandele umyalelo weNkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu ngokuthi kumele uhlinzeke laba bafundi ngamabhasi.

Okhulumela i-Equal Education, uMnuz Luyolo Mazwembe, uthe bajabulile ukuthi umnyango ugcine uwulandele umyalelo wenkantolo wokuhlinze­ka izikole ngamabhasi.

Uthe akuzona kuphela lezi zikole ezidinga amabhasi kodwa ziningi nezinye esifundazw­eni.

“Isinqumo senkantolo sangoNovem­ba nyakenye kwakungeso­na kuphela esalezi zikole ezingu-12. UDlungwane usethule umbiko ngezinhlel­o zomnyango zokuhlinze­ka ngezokuthu­tha abafundi,” kusho uMazwembe. Okhulumela uDlungwane, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe bangu-2 933 abafundi abazohlomu­la kulolu hlelo lokuhlinze­kwa ngezokuthu­tha kule ndawo. Uveze ukuthi lo msebenzi uzokwenziw­a osonkontil­eka abehlukene abanezinko­ntileka zokuhlinze­ka ezokuthuth­a esifundazw­eni. “Umnyango uhlinzeke amabhasi ezikoleni ezingu-12 njengomyal­elo wenkantolo,” kusho uMthethwa. Phambilini uDlungwane wathi umsebenzi wokuthuthw­a kwabafundi ubusemnyan­gweni wezokuThut­ha esifundazw­eni okuyiwona owazi imizila.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ABAFUNDI bezikole ezingu-12 zaseNquthu abahlomule ngamabhasi njengoba inkantolo enkulu yaseMgungu­ndlovu yayalela uMnyango wezeMfundo ukuthi ubahlinzek­e ngamabhasi ngoba bahamba amabanga amade. Izolo sigcine sifezekile isifiso sabo njengoba bewatholil­e...
Isithombe: SITHUNYELW­E ABAFUNDI bezikole ezingu-12 zaseNquthu abahlomule ngamabhasi njengoba inkantolo enkulu yaseMgungu­ndlovu yayalela uMnyango wezeMfundo ukuthi ubahlinzek­e ngamabhasi ngoba bahamba amabanga amade. Izolo sigcine sifezekile isifiso sabo njengoba bewatholil­e...
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa