Kuqhume inganono kuhlangene i-ANC
KUQHUME izibhamu emhlanganweni wesifunda se-ANC, iMoses Mabhida, eHowick eMgungundlovu, ngesikhathi onogada bezikhulu zale nhlangano benqabela amalungu ukuthi angene emhlanganweni.
Kulo mhlangano bekubhungwa ngezinhlelo zengqungquthela yalesi sifunda okulindeleke ukuthi ibe ngempelasonto.
Kuthiwa amalungu afike eHowick Indoor Sports Centre afuna ukungena umhlangano uqhubeka ngenhloso yokuzwakalisa izikhalo zawo ngoMsombuluko ntambama.
Ezinkundleni zokuxhumana kusabalale i-video kubonakala onogada abebephethe izibhamu behilizisana namanye amalungu, bagcina bedubula.
Amalungu enhlangano anganeme kulesi sifunda akhala ngokuthi ancinshwa ubulungu, ubuholi besifunda obukhona njengamanje obuholwa nguMnuz Mzi Zuma onguNobhala noSihlalo uMnuz Mthandeni Dlungwane ophinde abe nguNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal.
Kulo mhlangano bekulindeleke ukuthi ilungu lesigungu esiphezulu kwi-ANC, uNkk Nocawe Mafu, athule inkulumo.
Ohola amalungu angeneme kulesi sifunda, uMnuz Msawenkosi “Maqatha Awaziqobi” Mchunu, uthe baye emhlanganweni ngenhloso yokuzwakalisa izikhalo zabo okubalwa kuzo nokuncishwa ubulungu nokungabikelwa uma kunomhlangano wombutho.
“Noma uma unikiwe ubulungu usuze wakhokha kodwa okusiphatha kabi wukuthi abanye bethu abaveli emqulwini wamagama abantu abangamalungu ngokugcwele,” kusho uMchunu.
Usole ubuholi obukhona ngokuthi bufuna ukuqhoqhobala amandla ngayo yonke indlela.
“Into abayijahile wukuthi bantshontshe ingqungquthela yesifunda ngenhloso yokufeza izinhloso zabo,” kusho uMchunu.
Uthe bona bengamaqabane bahambisana noMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa abahambisani nokuthi kube nengqungquthela yesifundazwe kulo nyaka.
“Umbono wethu lapha eMoses Mabhida wukuthi kwenziwe umsebenzi wokubumba amaqabane siphinde sikhankasele ukhetho. Ingqungquthela yesifundazwe sifisa ukuthi ibe ngonyaka ozayo ngemuva kokhetho lukazwelonke,” kusho uMchunu.
UMnuz Michael Mabuyakhulu, onguMgqugquzeli wethimba lesikhashana le-ANC esifundazweni, uthe bazolinda umbiko ophuma esifundeni iMoses Mabhida ngokuthi kunabantu abafike nezibhamu emhlanganweni.
“Udaba lubikiwe emaphoyiseni ukuze aphenye ngoba uma sekukhona abaphatha nabaqhumisa izibhamu kusho ukuthi wudaba oludinga abomthetho,” kusho uMabuyakhulu.
Uthe amalungiselelo engqungquthela yokukhetha ubuholi KwaZulu-Natal ayaqhubeka kodwa akaboni ukuthi izoba kule nyanga ngenxa yokuthi azikaphothulwa zonke izinhlelo. “Sizozwa ngobuholi bukazwelonke kwiANC ukuthi ingqungquthela yethu izoba nini ngoba sizothula umbiko kubo bese kuba yibona obubonayo ukuthi kufanele yini sibe nengqungquthela. Ubuholi buzovakashela izifunda ezihlukene nezifundazwe ukubheka ukuthi yiziphi okufanele zibe nezingqungquthela. Sizokuphenya okwenzeke eMoses Mabhida futhi namaphoyisa ayaphenya,” kusho uMabuyakhulu.
Okhulumela amaphoyisa, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe ummangali kuleli cala wenze izinsolo ezithi ubeseHowick Indoor Sport Centre ngesikhathi umsolwa eyalela onogada bakhe ukuba abadubule.
“Akekho umuntu okubikwa ukuthi ulimele, amaphoyisa aphenya icala lokuqhumisa isibhamu emphakathini okwamanje bekungakaboshwa muntu,” kusho uZwane.