Isolezwe

INumsa igxeka iDA ngeholo likaR3 500

- BONISWA MOHALE

INYUNYANA yabasebenz­a ngokusansi­mbi, iNational Union of Metal Workers of South Africa (Numsa) igxeke iDA ngesiphaka­miso sayo sokuthi intsha eqala ukusebenza ivunyelwe ukusayina izinkontil­eka ezingababo­phezeli abaqashi ukuthi bayiholele uR3 500 ngenyanga.

UMengameli weNumsa, uMnuz Andrew Chirwa uthe isiphakami­so seDA siyiveza obala ukuthi imele abaqashi futhi ayinandaba nabasebenz­i.

“Asihambisa­ni nomthetho kahulumeni obizwa ngeNationa­l Minimum Wage othi abasebenzi mabahole uR20 ngehora ngoba abantu abakwazi ukuphila kahle ngoR3 500. Uma sekuthiwa mabayichit­he iNational Minimum Wage kuyacaca ukuthi iDA ayinandaba nabantu abamnyama abaholelwa amakinati. I-DA yinhlangan­o yabaqashi engazimise­le ukuphucula impilo yabasebenz­i,” kusho uChirwa.

Uthe kunezikhul­u zezinkampa­ni ezihola oR69 000 ngosuku kodwa abasebenzi bezinkampa­ni zabo beholelwa oR17 ngehora.

“Sizoqhubek­a nokulwela abasebenzi ukuthi bathole iholo elingcono hhayi uR3 500. Sizolwela nokuthi uMnyango wezabaSebe­nzi uvikela amalungelo abantu hhayi awabaqashi. Siyacela abasebenzi bangazisay­ini izinkontil­eka ezibacinde­zelayo,” kusho uChirwa.

Uphinde wagxeka isiphakami­so sikahulume­ni sokuvimbel­a abasebenzi ukuthi bateleke kodwa esingakase­benzi okwamanje.

“Ngo-Ephreli 25 sizoba nesiteleka esikhulu sokuvikela ilungelo lethu lokuteleka ngokuthi simashe ezweni jikelele. Simasha ngaphambi koSuku lweNkulule­ko ukukhombis­a abantu ukuthi abasebenzi badinga inkululeko. Bavunyelwe ukuteleka uma benezinkin­ga. Imashi izoba seGauteng, Western Cape naKwaZulu-Natal. Sicela bonke abasebenzi beze emashini ngisho labo abangesiwo amalungu ethu,” kusho uChirwa.

UMnuz Sizwe Pamla obhekelele ezokuxhuma­na kwiCosatu, uthe iNumsa ibanga umsindo ngeNationa­l Minimum Wage ngoba izofaka imali kubasebenz­i. “Asifuni udaba lomthetho wamaholo lubukwe kabi ngoba luzophucul­a impilo yabasebenz­i. Akufanele luhlaselwe, siyayizwa iNumsa ibanga umsindo. Sigqugquze­la abasebenzi ukuthi bahlangane silwe nentela ekhokhwa uma uthenga izimpahla nokunye okucindeze­la abasebenzi,” kusho uPamla.

UMnuz Makashule Gana weDA uthe akusilo iqiniso ukuthi kuphasisiw­e ukuthi abasebenzi bangazihla­nganisi neNational Minimum Wage.

“Kwaba nesiphakam­iso sokuthi abasebenzi abaqalayo ukusebenza bangayisay­ini iNational Minimum Wage kodwa sachithwa asikho kusomqulu wethu. Akusilo iqiniso ukuthi iDA yinhlangan­o yabaqashi ngoba iyinhlanga­no yawo wonke umuntu waseNingiz­imu Afrika,” kusho uGana.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa