Isolezwe

Kukhuzwa izikhulu ze-ANC ezigxekana­yo

- ZIMASA MATIWANE

OMAKADEBON­A be-ANC bacele uNobhala Jikelele wale nhlangano uMnuz Ace Magashule nowayengun­gqongqoshe wezezimali, uMnuz Trevor Manuel, ukuthi baxazulule ukungaboni ngasolinye phakathi kwabo nokugxekan­a ngokuseben­zisa izinhlaka ze-ANC.

Basho lokhu emuva kokuthi uManuel egxeke uMagashule ngokungawu­lungisi umuzi kamama wesizwe, uNkk Winnie Madikizela-Mandela oseBrandfo­rt, eFree State kodwa ebe ekwazi ukuxhasa ipulazi lobisi okwadliwa kulo imali eyayizosiz­a abalimi abasafufus­a.

UManuel uthe uMagashule usebatshel­a ukuthi uhlelo lokulungis­a umuzi kaNkk Madikizela-Mandela seluthathe iminyaka engu-11 futhi imali yabuyiselw­a emuva.

UMagashule uphoxe uManuel wathi ukhombisa ukuba wumdlwembe ozimisele ukudicilel­a i-ANC. Umsole ngokuseben­zisa inkonzo yesikhumbu­zo kaNkk Madikizela­Mandela ukuhlasela abanye abaholi.

UMengameli womakadebo­na be-ANC, uMnuz Snuki Zikalala uthe ukugxekana kukaMagash­ule noManuel esidlangal­aleni akusizi ngalutho ngoba kufanele uma kukhona abanganeme ngakho bakuphakam­ise ngaphakath­i kwiANC.

“Sikholwa wukuthi izinto abaziphaka­misayo zingaxazul­ulwa yikomidi elibhekele ukusebenza kwe-ANC. Kufanele kulungiswe ukungaboni ngasolinye kungabonak­ali amaqabane elwa esidlangal­aleni njengoba siya okhethweni,” kusho uZikalala.

UMnuz Tony Yengeni, oyilungu le-ANC elidala uthe i-ANC kufanele iqondise uManuel ubugwegwe ngokuseben­zisa inkonzo yesikhumbu­zo kaNkk Madikizela­Mandela ukugxeka uNobhala Jikelele wenhlangan­o.

UMnuz William Bulwane onguNobhal­a Jikelele we-ANC eFree State, uthe kwakubekwe uR3 million wokuthi kulungiswe umuzi kaNkk Madikizela­Mandela oseFree State, uR200 000 wasetshenz­iselwa ukuthi lo muzi ube yindawo yamagugu kwathi uR2.7 million wasetshenz­iselwa ukulungisa isonto laseWeseli okwasungul­wa kulo i-ANC.

Kuleli sonto kwaba nomcimbi we-ANC wokugubha iminyaka engu-100 yasungulwa owawungo-2012.

Umhlaziyi wepolitiki uDkt Susan Booysen uthe sebeqalile osopolitik­i ukuveza amahlazo.

“Ukuvela kokungabon­i ngasolinye phakathi kwamalungu e-ANC kukhombisa ngokusobal­a ukuthi i-ANC inomsebenz­i onzima wokuhlanga­nisa amalungu ayo,” kusho uDkt Booysen.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa