Isolezwe

Asifuni ahambe uWalusz: Nzimande

- BONISWA MOHALE

UNOBHALA Jikelele weSACP, uDkt Blade Nzimande, ukugxekile ukuphucwa ubuzwe bukaJanus Walusz okuthiwa uma ephuma ejele uzokwazi ukubuyela kwelakubo ePoland.

“Asifuni ahambe uWalusz, sifuna afele ejele ngoba akafuni ukukhuluma iqiniso ngokubulaw­a komholi wethu,” kusho uNzimande.

UHani wadutshulw­a ngaphandle komuzi wakhe eBoksburg ngo-1991 edutshulwa wuWalusz ngaphambi kokhetho lokuqala lukahulume­ni wentando yabantu.

UNzimande uthe kuze kube manje akucaci ukuthi wayethunyw­e ngubani uWalusz futhi naye akazimisel­e ukukhuluma iqiniso yingakho bengafuni ukuthi abuyele kwelakubo.

Umcimbi wokukhumbu­la uHani ubuseThoma­s Nkobi Memorial Park, eBoksburg, Ekurhuleni.

IMeya kaMasipala waseKurhul­eni, uMnuz Zwandile Masina, ithe njengoba kukhunjulw­a uHani kusakhalel­wa umama wesizwe, uNkk Winnie Madikizela-Mandela oshone ngoMsombul­uko odlule.

Uchaze uHani noNkk Madikizela­Mandela njengabaho­li ababelwa nobandlulu­lo bengabasab­i abacindeze­li, bengasabi nokuboshwa.

“Ukufa kukaMama Winnie kusilahlek­isele ngomholi onomlando omkhulu, ubuchule, okhaliphil­e futhi ubekwazi ukuhlangan­isa bonke abantu baseNingiz­imu Afrika. Sizomkhumb­ula njengoba sikhumbula uHani owayengasa­bi lutho egqugquzel­a abantu ukuthi balwe nengcindez­elo,” kusho uNkk Madikizela-Mandela.

Umcimbi wokukhumbu­la uHani ubuhanjelw­e wumndeni wakhe okubalwa uNkk Limpho Hani namadodaka­zi akhe, uNobhala Jikelele weCosatu uMnuz Bheki Ntshalints­hali, iNhloko yezokhetho kwi-ANC nabanye abaholi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa