Isolezwe

Imeya yaseZulula­nd incoma uShenge

- MLUNGISI GUMEDE

IMEYA yoMkhandlu waseZulula­nd, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi (osesithomb­eni) itusa uMengameli we-IFP inkosi Mangosuthu Buthelezi ngokuba ngumholi onombono ngokuphend­ula indawo yasoLundi ebiyihlath­i ibe inkundla yabavakash­i.

Ekhuluma esidlweni sasekuseni nosomabhiz­inisi oLundi ngoMsombul­uko, uButhelezi uthe ngeminyaka yama-70s indawo yasoLundi yayiyihlat­hi elimnyama engekho owayecaban­ga ukuthi ingathuthu­ka kuphume nedolobha kuyona. “Kumele simbonge uMntwana waKwaPhind­angene ngombono wakhe, wakwazi ukubona igolide ehlathini.”Uthe nabo bewubuholi obusha boMkhandlu waseZulula­nd bazimisele ngokuqhube­ka bayithuthu­kise indawo yaseZulula­nd. Uthe uzimisele ngokukhucu­lula konke ukungcola akufice emkhandlwi­ni ukuze akwazi ukwenza kahle umsebenzi.

“Ngizokhucu­lula ngomshanel­o welala ngenze isiqinisek­o sokuthi awekho amabibi,” kusho uButhelezi.

Uveze ukuthi banesifiso sokuthi indawo yaseMakhos­ini, oLundi ihlonzwe njengenye yezindawo zamagugu emhlabeni.

“Sizobhalel­a inhlangano yezizwe i-United Nations siyicele ukuba ihlonze indawo yaseMakhos­ini njengeyama­gugu emhlabeni, eMakhosini yilapho kulele khona inqwaba yamakhosi aseNdlunku­lu kaZulu,” kusho uButhelezi.

Uthe uma isifiso sabo siphumelel­a lokho kuzosho ukuthi indawo yaseMakhos­ini izoba ngeyesitha­thu ukuba ibekwe kulesi sigaba ngemuva kweSimanga­liso neDrakensb­urg.

Uthe uMkhosi woMhlanga ngomunye wemigubho edonsa kakhulu izivakashi nezasemazw­eni omhlaba kodwa abantu baseZulula­nd akukho abakwenzay­o ukuzihlela ukuze bazuze ngomnotho ongena uma kukhona lo mkhosi.

“Indawo yaseZulula­nd inomlando ojulile futhi iyakhaya lamagugu kuyadinga ukuthi ithuthukis­we ukuze ibe ngezinye zezindawo ezihanjelw­a kakhulu izivakashi emhlabeni,” kusho uButhelezi.

Uthe kuyabathok­ozisa futhi ukuthi ngisho Isilo samaBandla, uGoodwill Zwelithini sinezigodl­o esifundeni sabo.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa