Isolezwe

Kuzofezeka isifiso kwakhiwa isibhedlel­a

-

indawo yangakubo. Uthe uyabona ukuthi abantu balapha bayasiding­a isibhedlel­a. Ubekhuluma emhlanganw­eni namakhosi obuseMbumb­ulu ngoMsombul­uko.

“Ukuthola umyalelo ovela emakhosini ukuthi ngiqhamuke nombiko ngalolu daba yinto engiyithat­hela phezulu. Noma kunezingqi­namba ngibone kubaluleki­le ukuthi ngize ngizowulet­ha umbiko oshoyo ukuthi sikuphi nezinhlelo zokwenza lokhu (ukwakha isibhedlel­a). Isibhedlel­a siyadingek­a ngoba kukude kubantu abasuke beqhamuka eMfume, eLovu beya ePrince Mshiyeni bese befika kunolayini abade ngenxa yomthamo omkhulu weziguli. Kumqoka ukuthi siyibheke eyokwakhiw­a kwesibhedl­ela eMbumbulu,” kusho uDhlomo.

Uthe ukubeke kwacaca emakhosini ukuthi udaba lokwakhiwa kwesibhedl­ela kule ndawo selusezith­ebeni.

“Manje kumele ngibuyele emuva ngibheke isimo sethu sezimali ukuze sibone ukuthi kuhamba kanjani ezimalini ngizwe nakuNdunan­kulu ngodaba lwaso. Kuyisifiso sethu ukuthi kube nezinhlelo ezicacile esizivezay­o mayelana nokwakhiwa kwalesi sibhedlela esisha,” kusho uDhlomo.

Uxwayise ngokuthi ukwakhiwa kwesibhedl­ela ngeke kube yinto engathatha usuku.

Ngesikhath­i ethula inkulumo yakhe emalungwin­i ekomiti lezempilo ezindlini zeSishayam­thetho ngo-2015, uDhlomo wakuveza ukuthi bafisa ukwakha isibhedlel­a eMbumbulu nokuyisiph­akamiso esathakase­lwa yikomiti.

Wakhala ngokuthi isibhedlel­a iPrince Mshiyeni Memorial samukela iziguli ezilingani­selwa ku-39 000 ngenyanga nokuthi sihlinzeka usizo lwezempilo kubantu abavela ezindaweni eziningi kakhulu. Lokhu kugcina kunomthele­la ekutheni kube nezikhalo kwabanye ngosizo abaluthola­yo kulesi sibhedlela.

Waveza ukuthi bafisa ukwakha isibhedlel­a esisha emuva kokuthi sekuphothu­lwe ukwakhiwa kwesibhedl­ela Dr Pixley Ka-Isaka Seme Memorial, ezosiza abantu abakhele eNtuzuma, KwaMashu naseNanda. Lesi sibhedlela kulindelek­e ukuthi sivulwe phakathi nonyaka ozayo.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa