EMzomusha kuyaphaswa yize isimo sibheda
UMA ukhuluma ngendawo yaseMsinga into yokuqala efika emqondweni womuntu indawo yasemakhaya edonsa kanzima kwezentuthuko egcwele oshayasibhamu nezibhamu ezingekho emthethweni.
Angeke ucabange ukuthi kule ndawo emaphakathi nesifundazwe saKwaZulu-Natal edume kabi ngokuba isidleke sezinkabi eziqotha abantu nezimpi zezigodi ezingapheli, kukhona isikole samabanga aphansi esidlisela ogageni izikole zasemalokishini nezinye zasemadolobheni ngezinga eliphezulu lemfundo.
Ithimba leSolezwe livakashele kulesi sikole ngemuva kokumenywa nguthishanhloko waso uMnuz Sakhumuzi Mbatha.
Engxoxweni ekhethekile noMbatha, uveze ukuthi esikoleni sakhe ulimi olukhulunywayo yisiNgisi.
“Bonke abafundi bayaphoqwa ukuthi bakhulume isiNgisi ngenhloso yokubaqeqesha ngoba siyazi ukuthi lolu limi yilona olokuxhumana emhlabeni jikelele,” kusho uMbatha.
Uthe abafundi babo baphuma esikoleni sabo sebeya kwesamabanga aphezulu sebesikwitiza ngempela isiNgisi.
“Nezikole esiziphakelayo ziyabancoma abafundi bethu ngendlela abasishaya ngayo isiNgisi,” kusho uMbatha.
Uthe izikole zasendaweni zamabanga aphezulu zize zibabekele indawo abafundi babo ngoba ziyazi abahluphi bafika sebewubisi.
Yize lesi sikole senza kahle kodwa sinazo izingqinamba njengoba ingxenye yabafundi baso abangu-270, befundela ngaphansi kwesihlahla ngemuva kokuthi amakilasi abo apheshulwa yisiphepho.
UMbatha uthe isikole sabo singena ngo-6.30, ekuseni siphume ngo-1 emini ngenxa yesimo sezulu saseMsinga.
“Kuyasiza ukungena ekuseni kakhulu ngoba endaweni yethu izulu livele lishintshe esikhaleni, isikhathi esiningi lithi liqamba lishintsha emini isikole sisuke sesiphumile,” kusho uMbatha.
Uthe enye ingqinamba ababhekene nayo ukuthi alikho ikilasi elinabafundi abangaphansi kuka-90, ngenxa yokugcwala esikoleni.
“Sinabafundi abaningi ngenxa yokuthi wonke umzali ufuna ukuletha ingane yakhe kuthina ngoba efuna ithole imfundo engcono,” kusho uMbatha.
UMbatha uthe isikole sakhe siqine kakhulu kwisiNgisi njengoba sivamise ukunqoba emncintiswaneni iGandhi Speech lapho abafundi besuke bencintisana ngokubhala.
“Okunye esigabe ngakho ukwenza ucwaningo njengoba abafundi bethu bebamba iqhaza kulo mkhakha ngaphansi kohlelo iYouth Citizens Active Programme, kulo nyaka abafundi bethu benza ucwaningo mayelana ne-storm damage,” kusho uMbatha.
Uthe abazali bezingane bafisa sengathi isikole singakhuliswa sigcine kwa-matric.
“Abazali babona indlela esifunda ngayo baze bafise ukuthi izingane zabo singaziqala phansi size sizikhiphe kwa-matric, ngoba seziya emanyuvesi seziyofundela umsebenzi,” kusho uMbatha.
Uthe kodwa abafundi babo bayaqhubeka babaqaphe ukuthi baqhuba kanjani noma sebephumile kubona, wengeza ngokuthi abakuqaphelayo ukuthi benza kahle kwa-matric.
“Baningi abafundi esesibakhiqizile abanye babo asebeyizinto eziphezulu akade befunda lapha eMzomusha,’’ kusho uMbatha.
Uthe wonke umfundi wabo uphuma esikoleni eseyazi njengoba ezazi ikhompyutha.
“Siyazi ukuthi enye yezinto ezidingekayo ukuze uqasheke ukuthi kumele wazi ikhompyutha yingakho abafundi bethu sibanika lelo khono ukuze kube lula noma sebefuna amatoho,” kusho uMbatha.
USihlalo wesigungu esilawula isikole uMnuz Mzuvukile Ngubane uthe bayafisa sengathi isikole sezingane zabo singagcina kwa-matric ukuze singeke sibe khona isidingo sokuthi ziyofunda kwezinye izikole.
UNgubane uthe ukubambisana kwabazali nothisha ikona okwenza isikole senze kahle.
“Siyafisa sengathi isikole singazithola zonke izinsiza esizidingayo khona sizokwazi ukuqhuba umsebenzi wokufundisa ngendlela esifisa ngayo,” kusho uNgubane.