Isolezwe

Akukhuthaz­e nabanye okwenziwe ngumfo kaSimbine

-

KUNINGI okungalung­ile ezweni nokwenza ukuthi intsha izithole ibukela kulabo abathanda impilo ewubukhazi­khazi efika ngezindlel­a ezinqamule­layo.

Kuyintokoz­o ukubona osaziwayo abazimisel­e ngokuba yisibonelo esihle sokuthi ukubekezel­a kuzala impumelelo.

Kungakaphe­li izinsuku ezingakana­ni umlingisi uNomzamo Mbatha ethole iziqu zeB Com Accounting ngemuva kokuwa evuka ebhekene nezihibe zempilo, kulokhu sishayela ihlombe umgijimi u-Akani Simbine. Uwuqophe kabusha umlando wezokusuba­tha eNingizimu Afrika eba ngumpetha wamaCommon­wealth Games ebangeni lika-100m.

Indlela kaSimbine ebheke empumelelw­eni ayiqalanga kalula. Eminyakeni edlule ugeje kancane ekutholeni indondo emiqhudelw­aneni emikhulu. Uke waphoxeka eqeda endaweni yesihlanu kabili, kwi-IAAF World Championsh­ip (e-England ngonyaka odlule) nakuma-Olympic (ngo-2016 eBrazil).

Kodwa kukho konke lokho akazange adikibale uvuke wazithatha. Nyakenye uthole iziqu ze-Informatio­n Science e-University of Pretoria.

Ukunqoba kukaSimbin­e ku-100m kufanele kukhuthaze abasubathi abasakhula babone ukuthi bangagcina beyizingqw­ele zomhlaba uma bezimisela futhi bebekezela.

Inselelo isikwiziph­athimandla ze-Athletics South Africa (ASA) neSascoc ngokuthi zifake imali kulo mdlalo. ISascoc izokhokhel­a abagijimi uR55 000 ngamagolid­e abazobuya nawo. Abathole isiliva bazohlomul­a ngoR25 000 noR15 000 wethusi. Lena akuyona imali enkulu uma ubheka ukuzikhand­la kwabadlali iminyaka emine belwela ukuyomela izwe.

I-ASA ingashayel­wa ihlombe ngokuthi iyazama ukubuyisa abaxhasi kwezokusub­atha njengoba yenzile ithola iLuquid Telecom efake isandla kwi-Athletic Grand Prix ngenyanga edlule. Lolu chungechun­ge lwemilenze emithathu lunike uSimbine nozakwabo ithuba lokuzicije­la amaCommonw­ealth Games. Le nkampani ifake imali elinganise­lwa kuR1.3 million kulona.

Yenza lokhu nje ibisanda kusayina isivumelwa­no sika-R8 million noSimbine seminyaka emithathu. Njengoba eseqalile umfo kaSimbine, sithi angabe esabheka emuva useyicabil­e indlela ebheke esicongwen­i somhlaba.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa