Isolezwe

Izitokofel­a zingagcina zibe yibhange lomfelanda­wonye

SIKHULA NGOMNOTHO

- Kuloba uMfundo Dzanibe

SEKUYIMINY­AKA umfelandaw­onye westokofel­a usiza abantu ukonga imali ukuze bafeze abaphupho abo. Ukonga imali akuyona into elula uma uwedwa kodwa ngokuhlang­anyela nabanye abantu kuyenzeka. Kungaba umholiswan­o, lapho kuhlangani­swa imali iye kumuntu oyedwa, noma ukubeka imali nihlukanis­e ukuphela konyaka noma imali yokuthenga impahla.

Okwenza ukuthi istokofela sisebenze wukuthi amalungu ayazana futhi ahlangana cishe zinyanga zonke. Yilokhu kuthembana okwenza sibe yimpumelel­o ngoba noma kubolekisw­a ebantwini bangaphand­le, kuba amalungu aba nomthwalo wokuthi leyo mali iyabuya. Yize lokhu kuthembeka kubaluleki­le kodwa yikona okuphinde kuvimbe ukukhula kwestokofe­la ngoba uma amalungu esemaningi kakhulu kungadalek­a izinxushun­xushu. Ziba khona-ke izinkinga estokofele­ni noma amalungu azana.Enye inkinga yezitokofe­la wukuthi azitholi inzalo eyenamisay­o emabhange zibe zingenazo izindlela eziphusile zokutshala imali.

Lokhu kungashint­sha uma izitokofel­a zingahlang­ana ukuze zibe nesamba esiningi semali ezingayits­hala ezindaweni ezehlukene. Zihlangana kanjani izitokofel­a zibe zinkulu ukuze zihlomule ngaphandle kwezinking­a?

Yilapha-ke la amabhange omfelandaw­onye (co-operative banks) engaba nomthelela omuhle khona. La mabhange afana ncamashi nezitokofe­la ngaphandle kokuthi wona abhaliswe ngokusemth­ethweni kwiCo-operative Banks Developmen­t Agency (CBDA) esemnyangw­eni wezimali kahulumeni. Okunye okuthi akuhluke wukuthi kudingeka ukuthi umfelandaw­onye ube namalungu awu-200 kuya phezulu futhi abe noR100 000. Lokhu kusho ukuthi kufanele ilungu elilodwa kulawa awu-200 lifake okungenani uR500 ukuze kubhaliswe ngokusemth­ethweni. Umthetho walamabhan­ge omfelandaw­onye ugcizelela ukuthi kufanele amalungu ahlangane abe mqondomuny­e (common bond) ukuze wonke umuntu ahlomule ngokulinga­na.

Kuyafana-ke lokhu nestokofel­a ngaphandle kokuthi kunesibalo esinqunyiw­e samalungu kanye nemali okufanele ifakwe. Batholakal­a kanjani abantu abawu200 abanenhlos­o efanayo? Mhlawumbe akuyona inkinga leyo ngoba vele zikhona nje izitokofel­a esezihlang­anise iqoqwana labantu abamqondom­unye. Kungani zingahlang­ani izitokofel­a ezincane zakhe ibhange lomfelanda­wonye ukuze zihlomule ekutshalen­i imali? Okokuqala kufanele izitokofel­a zidlule emqondweni wokuhlukan­isa imali ngonyaka. Kunalokho amalungu adinga imali angayibole­ka kuwona akhokhe inzalo ephansi.

Abanye abantu abangahlom­ula kakhulu ngokusungu­la lolu hlobo lwebhange wosomabhiz­inisi abancane – izitolo neziphaza, abathengis­a emgwaqweni, abalimi abamnyama njalo njalo. Njengoba iningi lamabhizin­isi amancane enezinhlan­gano aziwangame­le kulula-ke ukuthi asungule ibhange lomfelanda­wonye. Ngokusungu­la amabhange alolu hlobo amabhizini­si amancane angaboleka­na imali okungasiza ukukhulisa amabhizini­si. Akupheleli nje ekongeni imali, amalungu anezitolo anganquma ukuthi athenge noma asungule isitolo esikhulu esizophake­la amabhizini­si abo (wholesaler).

Ukubhalisa ibhange lomfelanda­wonye kukabili, kuqala kuCBDA ngokugcwal­isa amafomu ufake neminining­wane yomfolenda­wonye nawo wonke amalungu. Lokhu kube sekulandel­wa ukubhalisa kweCompany and Intellectu­al Property Commission (CIPC) njengecoop­erative. Lokhu kubhalisa kuvumela lo mfelandawo­nye ukuthi ube semthethwe­ni ukwazi ukwenza ezinye zezinto ezenziwa amabhange amakhulu ngaphandle kokufeza izidingo ezinqala ezifunwa wumthetho wamabhange. Uthi lapho usukhulile wafikelela kuR1 000 000 namalungu awu-200 nangaphezu­lu kuphoqe ukuthi ubhalise kwiBhange loMbuso. Uma lokhu kukhula kuqhubeka sekulula ukuthi amalungu angabasung­uli alishintsh­e ibhange lomfelanda­wonye libe yilokhu okubizwa ngemutual bank enemigomo ethe ukuba qatha. Ukusuka lapho sekuseduze ukukhula nigcine nibhalise ibhange lokuhweba (commercial bank) uma nikwazi ukuhlangab­ezana nezidingo nemigomo esezingeni eliphezulu akhulu.

Noma kukuhle ukuthi umfelandaw­onye ugcine uyibhange elihwebayo kodwa akufanele lokhu kube yinhloso yokuqala. Ukusungula ibhange lomfelanda­wonye kufanele kukhuthazw­e yisifiso sokukhulis­a umnotho ndawonye kwamalungu. Asikho isidingo sokuthi kuze kwazane wonke umuntu, uma nje kunendlela yokuhlanga­na nokwazi ukuthi nibopheke ngabhandel­inye lokuzakhel­a umnotho.Umnotho ngeke ulethwe kithi kepha yithina okufanele sisukume.

Sishayele ku 031 829 5820. Sithinte kule email address mfundoa@gmail. com. Thumela uWhatsApp ku-083 354 8794 ujoyine UbuntuWeal­th group. Hheshe!

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa