Abafunde ukulalela abalaleli boKhozi FM
ngokungena engalalelanga kodwa afune ukulalelwa.
Ngingomunye umlaleli onengekayo uma ngivula umsakazo bese ngizwa umlaleli ohhemayo emoyeni. Ukuhhema kwakhe kwenza ukuthi ngivule esinye isiteshi okungaba esisakazela umphakathi noma esenza inzuzo kodwa ngiyalalela ngoba ngidinga okungcono. Kuyihlazo ukuthi abanye abalaleli bayadinwa uma bekhuzwa umsakazi ngesenzo sabo. Omunye umsakazi uze wathi abalaleli boKhozi sebenziwa ihlaya osomahlaya ngenxa yokungena emoyeni bengazi ukuthi kukhulunywa ngani. Uyazi loyo msakazi ubenengwa evule izingcingo kuyiSabatha ntambama ethi abakhulume ngokuthi bazibhekile yini ohlwini lwabavoti lwakwa-IEC kuyimpelasonto yokuyozibheka. Isono salo msakazi kwaba wukuthi ukwezemidlalo. Wangena umlaleli woKhozi wathi “Usuthu luhluliwe futhi ngiphatheke kabi”. Umsakazi wavele wathi “Yingakho osomahlaya sebanenza ihlaya”.
Uyazi ngivele ngadumala. Okungiphatha kabi nje ngabasakazi wukuthi babuye babe nabangani babo kanti kumele basiphathe ngokufana emoyeni noma sekufundwa oTwitter. Akukuhle ukuthi abasakazi bafunde ama-tweets obhululu babo kuphela.
Abafundwe noTwitter babanye ukuze sizwe okusha. Sekukaningana ngizwa abasakazi boKhozi befunda oTwitter babantu ababodwa baze bazikhuze nabo uzwe sebethi awu sengimfunda kaningi ubani. Lokho kunenga obebhalile wangafundwa ngenxa yokuphindwa kaningi kwabantu ababodwa. Basakazi boKhozi kuyekeni lokhu enikwenzayo ngoba umsakazo owethu sonke. Khabzela Mzimela EZWELIBOMVU