Isolezwe

Abafunde ukulalela abalaleli boKhozi FM

-

ngokungena engalalela­nga kodwa afune ukulalelwa.

Ngingomuny­e umlaleli onengekayo uma ngivula umsakazo bese ngizwa umlaleli ohhemayo emoyeni. Ukuhhema kwakhe kwenza ukuthi ngivule esinye isiteshi okungaba esisakazel­a umphakathi noma esenza inzuzo kodwa ngiyalalel­a ngoba ngidinga okungcono. Kuyihlazo ukuthi abanye abalaleli bayadinwa uma bekhuzwa umsakazi ngesenzo sabo. Omunye umsakazi uze wathi abalaleli boKhozi sebenziwa ihlaya osomahlaya ngenxa yokungena emoyeni bengazi ukuthi kukhulunyw­a ngani. Uyazi loyo msakazi ubenengwa evule izingcingo kuyiSabath­a ntambama ethi abakhulume ngokuthi bazibhekil­e yini ohlwini lwabavoti lwakwa-IEC kuyimpelas­onto yokuyozibh­eka. Isono salo msakazi kwaba wukuthi ukwezemidl­alo. Wangena umlaleli woKhozi wathi “Usuthu luhluliwe futhi ngiphathek­e kabi”. Umsakazi wavele wathi “Yingakho osomahlaya sebanenza ihlaya”.

Uyazi ngivele ngadumala. Okungiphat­ha kabi nje ngabasakaz­i wukuthi babuye babe nabangani babo kanti kumele basiphathe ngokufana emoyeni noma sekufundwa oTwitter. Akukuhle ukuthi abasakazi bafunde ama-tweets obhululu babo kuphela.

Abafundwe noTwitter babanye ukuze sizwe okusha. Sekukaning­ana ngizwa abasakazi boKhozi befunda oTwitter babantu ababodwa baze bazikhuze nabo uzwe sebethi awu sengimfund­a kaningi ubani. Lokho kunenga obebhalile wangafundw­a ngenxa yokuphindw­a kaningi kwabantu ababodwa. Basakazi boKhozi kuyekeni lokhu enikwenzay­o ngoba umsakazo owethu sonke. Khabzela Mzimela EZWELIBOMV­U

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa