Isolezwe

Asazi ngisho inkulisa eke yakhiwa ngosizo lweNgonyam­a Trust

-

MHLELI: Kwelakho eliwela umfula ugcwele, ake ungivumele ke ngibeke nami ukukhathaz­eka kwami odabeni lweNgonyam­a Trust. Sikuzwile Ndabezitha umemezile mayelana nokuthi udinga umswane wembabala ukuze uvikele umhlaba ongaphansi kwakho Ndaba.

Ake ngikusho lokhu, angihambis­ani nami nokuthi umhlaba ongaphansi kweNgonyam­a Trust uthathwe kodwa angihambis­ani nenkece othi asilekelel­e ngayo ukuvikela lo mhlaba.

Mina nginombuzo othi leli gama elithi Ngonyama Trust liqale nini ukusebenza, ngibuziswa ukuthi leli gama kwabaningi libukeka kuyinto yayizolo, ngesizathu sokuthi thina asazi ngisho inkulisa oke wayakha ngemali yalesi khwama.

Iqiniso nje Ndabezitha kunezindod­la zemali ezikhokhwa ngamabhizi­nisi angaphansi kwalesi khwama. Mina nje ngingowaKo­mbuzi lapho khona kungathath­i ngisho imizuzu engu-10 ukuthi ngiwelele KwaKhangel­a lapho isigodlo sikhona, angikaze ngibone ngisho imizi esizwe yisikhwama kodwa kuneziqiwi namanye amabhizini­si akukhokhel­ayo ukuba ngaphansi kwale ndawo yakho Ndaba. Uthule uthini izimoto zingena zilakanyan­a emgwaqweni osuka esigodlwen­i udlule ebhulohwen­i eliseMkhuz­e?

Ndabezitha akungadlal­wa ngesizwe. Imali ikhona kulesi khwama. Kakade vele umphakathi aniwenzeli lutho. Kumanje amabhunu abekade esiza abantu baseMpakam­a, Kombuzi, Mduda, Sovane, wawaxosha. Izinkomo azinandawo manje. La mabhunu abesiza uma sekukubi nakuba vele abantu bebehola usheleni kodwa bekungcono kunokusong­a izandla.

Elokugcina, le Ngonyama Trust iwusiza ngani umphakathi? Mfo kaSgebengu KWANXUMALO KOMBUZI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa