Asazi ngisho inkulisa eke yakhiwa ngosizo lweNgonyama Trust
MHLELI: Kwelakho eliwela umfula ugcwele, ake ungivumele ke ngibeke nami ukukhathazeka kwami odabeni lweNgonyama Trust. Sikuzwile Ndabezitha umemezile mayelana nokuthi udinga umswane wembabala ukuze uvikele umhlaba ongaphansi kwakho Ndaba.
Ake ngikusho lokhu, angihambisani nami nokuthi umhlaba ongaphansi kweNgonyama Trust uthathwe kodwa angihambisani nenkece othi asilekelele ngayo ukuvikela lo mhlaba.
Mina nginombuzo othi leli gama elithi Ngonyama Trust liqale nini ukusebenza, ngibuziswa ukuthi leli gama kwabaningi libukeka kuyinto yayizolo, ngesizathu sokuthi thina asazi ngisho inkulisa oke wayakha ngemali yalesi khwama.
Iqiniso nje Ndabezitha kunezindodla zemali ezikhokhwa ngamabhizinisi angaphansi kwalesi khwama. Mina nje ngingowaKombuzi lapho khona kungathathi ngisho imizuzu engu-10 ukuthi ngiwelele KwaKhangela lapho isigodlo sikhona, angikaze ngibone ngisho imizi esizwe yisikhwama kodwa kuneziqiwi namanye amabhizinisi akukhokhelayo ukuba ngaphansi kwale ndawo yakho Ndaba. Uthule uthini izimoto zingena zilakanyana emgwaqweni osuka esigodlweni udlule ebhulohweni eliseMkhuze?
Ndabezitha akungadlalwa ngesizwe. Imali ikhona kulesi khwama. Kakade vele umphakathi aniwenzeli lutho. Kumanje amabhunu abekade esiza abantu baseMpakama, Kombuzi, Mduda, Sovane, wawaxosha. Izinkomo azinandawo manje. La mabhunu abesiza uma sekukubi nakuba vele abantu bebehola usheleni kodwa bekungcono kunokusonga izandla.
Elokugcina, le Ngonyama Trust iwusiza ngani umphakathi? Mfo kaSgebengu KWANXUMALO KOMBUZI