Isolezwe

Abalandeli bamaGeza bayachoma ngenxa kaPotso

-

MHLELI: Ngivumele nami ngisike kwelijikay­o ngengikubo­na kwenzeka emculweni wethu kamaskandi. Ngithanda ukuphawula ngoPotso “Commander” Ngobese ongumholi weqembu elikhulu likamaskan­di Amageza Amahle. Ngithi Potso umkhulu!

Lokhu ngikusho ngezizathu eziningi. Akekho owayazi ukuthi Amageza/kazi ayophinde akwazi ukuchoma ngengoma emumva kokudlula emhlabeni kukaDiliza uHulumeni kaMaskandi kodwa namhlanje abalandeli baMageza ukuqhosha nokuchoma kubuzwa kubona ngenxa kaPotso.

Icwecwe agcine ukulikhiph­a ebelithi Game Over yilona elenze ngabona ukuthi uPotso ubaxovisa udaka manje omaskandi, usebambisa iqanda lanjelwane. Bengikhona kwaSABC lapho ebecula khona bukhoma ebe ezwakala nasemoyeni, engikubone laphaya kungenza ngibone ukuthi Amageza Amahle azalwe kabusha.

Akasekho umculi kamaskandi ongamelana naMageza Amahle, baqeqeshek­ile laba bantu futhi basazoqeqe­sheka kakhulu. Mina ngiyambong­a uPotso ngesiphiwo sakhe ngoba umuntu uhleli kuMageza namhlanje akazisoli nakancane.

UNcwadi Mthembu, uTununu Biyela noVelo Bhengu laba bantu bobathathu angazi uGcwensa wabathola kanjani. Balimelile iqiniso. Nikhule bobhuti, okuhle enikwenzay­o engathi kunganandi­sela izinsuku zokuphila emhlabeni.

Ngeke ngikhohlwe ukubonga kuCebo “iNsimbi” Hlabisa ngibonga inhliziyo yakho bhuti engathi ungama lapho ukhona ungasuki qhawe. Bese ngibonga kakhulu koMshayaza­fe okungabala­ndeli beNdidane beqiniso amadela kufa eSchomane ngokuma njalo ekusekeni iqembu leNdidane Amageza amahle. UMthethele­li Bhejane Cele ESHOWE

 ??  ??
 ??  ?? UPOTSO Ngobese waMageza Amahle
UPOTSO Ngobese waMageza Amahle

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa