Isolezwe

UliFezile iphupho ngendawo ayidlalayo

- NOKUBONGWA PHENYANE

UMLINGISI womdlalo iThe Queen, uFezile Makhanya olingisa indawo kaTebogo useveze ukuthi inkampani ephethe lo mdlalo ike yamnxusa ukuthi aqaphele uma ehamba ezindaweni ezehlukene okugcwala kuzo umphakathi ngenxa yendawo ayilingisa­yo.

Uthi lokhu bakusho kulandela izinto ezikhuluny­wa ababukeli balo mdlalo ngenxa kaTebogo ohlukumeza intombi yakhe uKea Khoza.

Laba balingisi bangundaba­mlonyeni kuleli muva nje njengoba uFezile oqale ukubonakal­a ekuqaleni kwale nyanga, ehlukumeza uKea ngokumshay­a aphinde amthathele izinqumo ezijabulis­a yena kuphela.

Ekhuluma ohlelweni iV-Entertainm­ent ku-1Magic, uFezile uthe uyazifela ngale ndawo.

“Emdlalweni i-Unmarried nakhona ngibonakal­e ngilingisa indawo yowesilisa ohlukumeza owesifazan­e abesethand­ane nanye iminyaka. Wamshiya wayoshada nomunye. Kuzona zombili lezi zindawo engiziling­isayo ngizijabul­ele njengoba bengihlala ngibonakal­a kweminye imidlalo ngiwumuntu ophansi futhi oyikholwa,” kuchaza yena.

Uthe ngemuva kokuthi abantu bedinwe indawo kaTebogo ezinkundle­ni zokuxhuman­a, uhlale ethola imiyalezo ehlukene.

“Abantu besilisa bayangibuz­a ukuthi ngizoyiyek­a nini le nto engiyenzay­o kuKea, ngisho abesifazan­e nabo bahlale bengitshel­a ukuthi into engiyenzay­o abayithand­i,” kuchaza uFezile.

Uthe endimeni yokulingis­a asebe kuyo iminyaka engu-15, uyazi ukuthi usekwenze konke njengoba angena kuwo ngenxa yokunxuswa udadewabo.

“Usisi wami uyena owangikhut­haza ukuthi ngingene ekulingise­ni futhi wajabula uma ebona izinto zingihambe­la kahle. Ngisho indlela umzimba wami obukeka ngayo manje unkosikazi wami owangidons­ela ekutheni sizivocavo­ce, ngakho abesifazan­e abasempilw­eni yami babe nelikhulu iqhaza,” kuchaza yena.

Ngaphandle kokulingis­a okuyinto ayithanday­o, uFezile uthe uyazifela ngesonto njengoba engaphuthi enkonzweni.

 ??  ?? UFEZILE Makhanya oseveze ukuthi indawo ayidlalayo emidlalwen­i kuthelevis­hini kulezi zinsuku wayekade eyilindele njengoba kwanaye imjabulisa futhi yenza abantu bakhulume ngayo kakhulu
UFEZILE Makhanya oseveze ukuthi indawo ayidlalayo emidlalwen­i kuthelevis­hini kulezi zinsuku wayekade eyilindele njengoba kwanaye imjabulisa futhi yenza abantu bakhulume ngayo kakhulu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa