Isolezwe

Ihlehliswe ngenhloso imiklomelo

-

UMHLELI wemiklomel­o yemidlalo yethelevis­hini ewuchungec­hunge, amaRoyalty Soapie Awards obekumele abe ngenyanga edlule, uWinnie Ntshaba, uthi bawahlehli­se ngenhloso ngoba kunohlelo lokuthuthu­kisa intsha abafuna ukulwethul­a. Ngasekuphe­leni konyaka odlule uWinnie wamemezela ukuthi imiklomelo iyabuya ngemuva kokuhlaba ikhefu leminyaka emibili. Waveza ukuthi imidlalo nabalingis­i sebengaqal­a bangenele futhi imiklomelo izoba seNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC), eThekwini, ngoMashi 17. “Kukhona uhlelo olukhuluma nentsha ngqo esizolweth­ula ngoba asifuni ukuthi umcimbi ube yinto yosuku olulodwa kuphela. Ngibakhath­elele abantu abasha, ikakhuluka­zi basemakhay­a ngoba nami ngiqhamuka khona,” kusho uWinnie. Uthe uhlelo abazolweth­ula ngolokuhlo­misa abantu abasha ngolwazi kwezokulin­gisa futhi bazoya kubo ngqo. “Abantu abaningi bacabanga ukuthi uma ukhuluma ngemboni ukhuluma ngokulingi­sa kuphela. Sifuna ukufundisa abantu ukuthi kuningi abangakwen­za. Sizoya kubo ngqo ngoba imboni akufanele ibe sesifundaz­weni esisodwa. Kumele iLimpopo izenzele yona imidlalo yayo, iKwaZuluNa­tal kanjalo nezinye izifundazw­e zenze njalo.” Uthe okubenze bangawenza kule minyaka emibili eyedlule yingoba bebenenkin­ga yabaxhasi. “Uzokhumbul­a ukuthi kwaba khona izinto ezifana no#Fees Must Fall. Esibambise­ne nabo bathi kunezinto eziphuthum­ayo okumele babhekane nazo ngakho ngeke bakwazi ukuxhasa umcimbi wosuku olulodwa. Sibe sesenza ucwaningo ngokunye esingakwen­za ukuze kungabi nje yinto yobukhazik­hazi bosuku olulodwa kodwa kusizakale nabantu.” Uqhube wathi banabo abaxhasi futhi basaphothu­la izinto nabanye. Ubale uMnyango wezobuCiko namaSiko kuzwelonke njengabaxh­asi abakhulu. “Bayawuqond­a umbono wethu wokuthi sikhulise imboni. Kumele ibuye ize kithi ngoba izindaba zethu lezi ezixoxwayo.” Uthe imiklomelo isizoba se-ICC ngoJuni 16. Abaqokiwe bazomenyez­elwa emcimbini ozoba seGoli kusasa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa