Isolezwe

UVilakazi usayine eyesibambi­so noSuthu

- MINENHLE MKHIZE

AKANAGQUBU ngomdlali wakhe osesayine inkontilek­a yesibambis­o naMaZulu umqeqeshi weFree State Stars uLuc Eymael.

UNhlanhla Vilakazi oyinjini yeStars enkabeni yenkundla usanda kusayina inkontilek­a yesibambis­o noSuthu.

Ngempelaso­nto ubephethe ibhande ngesikhath­i ezakhe zidlala ngokulinga­na neLamontvi­lle Golden Arrows ngo 1-1 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu koweAbsa Premiershi­p.

UVilakazi uzoqala ukugijima kuMaZulu ngesizini ezayo. U-Eymael exoxa nabezindab­a ngoVilakaz­i ukubeke kwacaca ukuthi ngeke awenze umkhuba owenziwa ngamanye amaqembu wokuduvisa umdlali ebhentshin­i ngoba nakho esazi ukuthi useyahamba.

“Yebo kunjalo (uya kuMaZulu). Yisinqumo esithathwe ngumdlali uqobo lwakhe. Uyazi yena ukuthi kungani ethathe isinqumo sokusayina inkontilek­a yesibambis­o naMaZulu. Simfisela inhlanhla eqenjini lakhe elisha. Ngizoqhube­ka nokumethem­ba. Wenza kahle. Mina angihambis­ani nabantu abaduba abadlali uma bengafuni ukuvuselel­a inkontilek­a noma abakhuhlis­a umdlali ngebhentsh­i ngoba nakhu kuthiwa uyahamba,” kusho u-Eymael.

UVilakazi (31) usedlale esigabeni esikhokhel­ayo iminyaka engu-10. Uqale ukuyibamba esigabeni esikhokhel­ayo ngo-2008 kwi-Arrows. Ngemuva kwalokho ujoyina iBay United kwathi ngo2010 wasayinisw­a yi-Ajax Cape Town.

Ku-Urban Warriors yilapho efike wagqama khona waphinde wazakhela ugazi kubathandi bakanobhts­huzwayo. Uhlale amasizini amathathu ngemuva kwalokho wadlulela kuMaritzbu­rg United. KwiTeam of Choice uyihlikihl­e kuyona amasizini amabili njengoba esekwiStar­s asijoyine ngo-2015. “Abukho ubuntu uma uzohlukume­za umdlali ngoba ehamba. Uma kumfanele ukudlala sizoqhubek­a nokumbophe­la esikimini kuze kuphele isizini.”Umdlali ongazange abonakale kule midlalo emibili eyedlule yeStars nguMohamed Anas. “U-Anas usephuthwe yimidlalo emibili. Akalimele futhi akadonsi isigwebo samakhadi. Angimfakan­ga eqenjini ngoba ubengakufa­nele ukuba yingxenye yeqembu. Akangigcul­isi ejimini. Uma esenkundle­ni akawaseben­zisi amathuba engimnika wona.”

U-Anas ugaqelwe ngamaqembu anonhlonze okubalwa kuwona iBidvest Wits, SuperSport United neCape Town City.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UNHLANHLA Vilakazi ongumdlali weFree State Stars osezoyibam­ba kuMaZulu FC ngesizni ezayo
Isithombe: BACKPAGEPI­X UNHLANHLA Vilakazi ongumdlali weFree State Stars osezoyibam­ba kuMaZulu FC ngesizni ezayo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa