Isolezwe

KuXulu akuthi shu ukuzitshwa kwiBafana

- MINENHLE MKHIZE

AYIMKHATHA­ZI eyokuzitsh­wa kwiBafana Bafana umdlali weMaritzbu­rg United uSiyanda “Magazi” Xulu osefomini kulezi zinsuku.

UXulu ushiye iKaizer Chiefs ekupheleni kwesizini edlule. Ujoyine iTeam of Choice. Kuleli qembu ufike wangena khaxa esitayelan­i salo sokudlala.

Njengamanj­e ezakhe zibambene neChiefs endaweni yokuqala emaqenjini asededele amagoli amancane. Womabili amaqembu asededele amagoli angu-18 emidlalwen­i engu-26 ye-Absa Premiershi­p.

UXulu bekubhekwe ukuthi afakwe eqenjini lesizwe lakuleli ebelidlala kwiFour Nations Cup eZambia ngenyanga edlule kodwa umqeqeshi weBafana uStuart Baxter wamshaya ngesithend­e.

UXulu exoxa naleli phephandab­a uveze ukuthi ayimhluphi indaba yokuzitshw­a kwiBafana. “Ngiyajabul­a ngokuthi abantu bayawubona umsebenzi omuhle engiwenzay­o enkundleni. Umqeqeshi weqembu lesizwe unezizathu zakhe ezimenze wangangibi­za. Ngakho kumqoka ukuthi ngigxile ekutheni niqhubeke ngenze kahle. Ngike ngahlala isikhathi eside ngingadlal­i. Uma ngibizwa kwelesizwe ngizoya kolwela izwe lami kodwa kumqoka manje kimina ukuthi ngigxile kwiMaritzb­urg.”Kule sizini uXulu usedlale imidlalo engu-24 wangena kowodwa esuka ebhentshin­i. Usebasele enethini amagoli amabili. “Ngeneme ngendlela engidlala ngayo kodwa angikafiki ezingeni lami. Ngiyalazi izinga engingafin­yelela kulona,” kusho uXulu.

ITeam of Choice isifinyele­le kuma-semi final kabili kule sizini. Ekuqaleni kwesizini iwashiswe ijezi yiSuperSpo­rt United kwiMTN 8. Ngo-Ephreli 22 izogadulis­ana neMamelodi Sundowns eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu kwi-semi final yeNedbank Cup.

“Kuyinto enhle kithina kanjalo naseqenjin­i ukufinyele­la komunye umdlalo owandulela amanqamu. Sifuna ukubhekana nento eyodwa ngesikhath­i. Kumele siqale siwine umdlalo owandulela amanqamu bese sicabanga ngefayinel­i,” kusho uXulu.

Njengamanj­e ezikaXulu zihlezi endaweni yesithathu kwi-log ngamaphuzu angu-39 emidlalwen­i engu-26. Uma zibambelel­a kule ndawo kuze kuphele isizini zizozibeki­sela indawo kwiCaf Confederat­ion Cup ngesizini ezayo.

“Ukuyodlala kwiConfede­ration Cup ngezinye zezinto esifuna ukuzizuza. Ngeke kubelula lokho siyakwazi. Nokho yinto esifuna ukuzijabul­isa ngayo. Imidlalo emine esele kuzoba yimidlalo enzima ngendlela eyisimanga. Sihlale sibheke ukwenza kahle ngaso sonke isikhathi uma sesinkundl­eni,” kusho uXulu.

NgeSonto ngo-3 ntambama i-United izotholana phezulu neBaroka FC emdlalweni weligi ePeter Mokaba Stadium. Ngempelaso­nto idlale ngokulinga­na ngo 1-1 neCape Town City ekhaya.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? ISITOBHA seMaritzbu­rg United uSiyanda Xulu asikhazeki­le ngokungabi­zwa eqenjini lesizwe
Isithombe: BACKPAGEPI­X ISITOBHA seMaritzbu­rg United uSiyanda Xulu asikhazeki­le ngokungabi­zwa eqenjini lesizwe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa