Isolezwe

OwamaProte­as uthole iqembu elisha e-England

- INTATHELI YESOLEZWE

ISILOMO somshwibi wakuleli, uMorne Morkel, esisanda kuthatha umhlalapha­nsi kwi-cricket ezingeni lomhlaba sesijoyine iqembu lase-England, iSurrey lapho sisayine khona inkontilek­a yeminyaka emibili.

UMorkel (33) uthe khumu kumaProtea­s kule nyanga ngemuva kokuwasiza enqoba okokuqala kuleli i-Australia emidlalwen­i ye-test.

Lo mdlali uthathe ama-wicket angu-309 emidlalwen­i engu-86 yama-test.

Manje usezokwazi ukudlalela iSurrey ezinze e-The Oval, eLondon kulona lonke uhlobo lwe-cricket kuze kuphele isizini ka-2019.

“Ngizizwa ngikhethek­ile ngokuthi iSurrey iqoke mina ukuthi ngiyijoyin­e ngemuva kokuthatha umhlalapha­nsi emidlalwen­i yomhlaba. Ngiyakukhu­mbula esikwenze neNingizim­u Afrika e-Oval futhi ngikubheke ngabomvu ukuzinza eLondon nomndeni wami kuleli hlobo, ukwenza abangani abasha nokuhlanga­na nozakwethu abasha. Ngithemba ukuthi sizokwenza kahle enkundleni nangaphand­le kwayo,” kusho uMorkel esitatimen­deni esikhishwe yiqembu izolo.

Umqondisi we-cricket kwiSurrey u-Alec Stewart, uthe: “Ngemuva kokusula kwakhe ezingeni lomhlaba ngiyajabul­a kakhulu ukumemezel­a ukuthi uMorne usesayine inkontilek­a okungenani yeminyaka emibili nathi. Wenze ezibukwayo neNingizim­u Afrika, ungumdlali ozoletha amava esikwatini sethu. Ukulambela kwakhe ukudlala kuhlale obala siqala ukukhuluma naye.”

Imithetho yeKolpak (okuyinkont­ileka ekuvimbela ukuthi udlalele izwe lakho) iyakuvumel­a ukuthi amaqembu ase-England asayinise abadlali bangaphand­le. Kodwa laba badlali ababe besakwazi ukumela amazwe abo ngoba ibona abasuke sebeneguny­a lokubalawu­la. Imithetho yayo iqale ukusebenza ngo-2003 kanti abadlali bakuleli osekuke kwasuka umsindo ngabo ngenxa yayo, nguRilie Rossouw noKyle Abbort abashiye kumaProtea­s ngoba sebethole amaqembu e-England.

Isizini ye-English County Championsh­ip iyaqala ngoLwesihl­anu. Umdlalo wokuqala weSurrey ungo-Ephreli 20 lapho izobe ibhekene nezimbangi iHampshire khona e-Oval.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMSHWIBI uMorne Morkel uthole amadlelo aluhlaza eqenjini le-cricket e-England
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMSHWIBI uMorne Morkel uthole amadlelo aluhlaza eqenjini le-cricket e-England

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa