KuXulu akuthi shu ukuzitshwa kwiBafana
AYIMKHATHAZI eyokuzitshwa kwiBafana Bafana umdlali weMaritzburg United uSiyanda “Magazi” Xulu osefomini kulezi zinsuku.
UXulu ushiye iKaizer Chiefs ekupheleni kwesizini edlule. Ujoyine iTeam of Choice. Kuleli qembu ufike wangena khaxa esitayelani salo sokudlala.
Njengamanje ezakhe zibambene neChiefs endaweni yokuqala emaqenjini asededele amagoli amancane. Womabili amaqembu asededele amagoli angu-18 emidlalweni engu-26 ye-Absa Premiership.
UXulu bekubhekwe ukuthi afakwe eqenjini lesizwe lakuleli ebelidlala kwiFour Nations Cup eZambia ngenyanga edlule kodwa umqeqeshi weBafana uStuart Baxter wamshaya ngesithende.
UXulu exoxa naleli phephandaba uveze ukuthi ayimhluphi indaba yokuzitshwa kwiBafana. “Ngiyajabula ngokuthi abantu bayawubona umsebenzi omuhle engiwenzayo enkundleni. Umqeqeshi weqembu lesizwe unezizathu zakhe ezimenze wangangibiza. Ngakho kumqoka ukuthi ngigxile ekutheni niqhubeke ngenze kahle. Ngike ngahlala isikhathi eside ngingadlali. Uma ngibizwa kwelesizwe ngizoya kolwela izwe lami kodwa kumqoka manje kimina ukuthi ngigxile kwiMaritzburg.”Kule sizini uXulu usedlale imidlalo engu-24 wangena kowodwa esuka ebhentshini. Usebasele enethini amagoli amabili. “Ngeneme ngendlela engidlala ngayo kodwa angikafiki ezingeni lami. Ngiyalazi izinga engingafinyelela kulona,” kusho uXulu.
ITeam of Choice isifinyelele kuma-semi final kabili kule sizini. Ekuqaleni kwesizini iwashiswe ijezi yiSuperSport United kwiMTN 8. Ngo-Ephreli 22 izogadulisana neMamelodi Sundowns eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu kwi-semi final yeNedbank Cup.
“Kuyinto enhle kithina kanjalo naseqenjini ukufinyelela komunye umdlalo owandulela amanqamu. Sifuna ukubhekana nento eyodwa ngesikhathi. Kumele siqale siwine umdlalo owandulela amanqamu bese sicabanga ngefayineli,” kusho uXulu.
Njengamanje ezikaXulu zihlezi endaweni yesithathu kwi-log ngamaphuzu angu-39 emidlalweni engu-26. Uma zibambelela kule ndawo kuze kuphele isizini zizozibekisela indawo kwiCaf Confederation Cup ngesizini ezayo.
“Ukuyodlala kwiConfederation Cup ngezinye zezinto esifuna ukuzizuza. Ngeke kubelula lokho siyakwazi. Nokho yinto esifuna ukuzijabulisa ngayo. Imidlalo emine esele kuzoba yimidlalo enzima ngendlela eyisimanga. Sihlale sibheke ukwenza kahle ngaso sonke isikhathi uma sesinkundleni,” kusho uXulu.
NgeSonto ngo-3 ntambama i-United izotholana phezulu neBaroka FC emdlalweni weligi ePeter Mokaba Stadium. Ngempelasonto idlale ngokulingana ngo 1-1 neCape Town City ekhaya.