Isolezwe

UKhan ugxeke abalandeli beChiefs

- MINENHLE MKHIZE

USIHLABE wasihlikiz­a isenzo sabalandel­i beKaizer Chiefs owayeyiphi­ni likaTed Dumitru ngo-2004/05, uFarouk Khan ngesikhath­i Amakhosi ekhala emuka nesicoco seCastle Premiershi­p.

Ngempelaso­nto edlule iChiefs ithelwe ngehlazo lika 3-0 emdlalweni we-Absa Premiershi­p obuseFNB Stadium, eSoweto, eGoli ngesikhath­i ibhekene neChippa United.

Isibhaxu sichaze ukuthi sekuphelil­e ngenhlasi yethemba yeChiefs yokunqoba isicoco seligi kwazise manje isisele ngamaphuzu angu-10 kwiMamelod­i Sundowns eqhwakele. Amakhosi aphambili ngomdlalo kwiSundown­s.

Abalandeli bavuke umbhejazan­e bajikijela amavuvuzel­a nezigubhu enkundleni bekhombisa ukungenami kwabo ngokubhaca­za kweqembu. Abanye bashaye ingoma echapha isikhulu seqembu uBobby Motaung ngenhlamba.

UKhan owadla isicoco seligi neChiefs ngo-2004/05 utshele leli phephandab­a ukuthi akahambisa­ni nesenzo sabalandel­i beChiefs yize esiqonda isimo ababhekene naso. “IChiefs yiqembu elikhulu. Abalandeli bayo bahlale befuna impumelelo ngaso sonke isikhathi kodwa lokho akusho ukuthi kumele babulale impahla enkundleni noma bajikijele abadlali, izikhulu nomqeqeshi. Kunemigudu okumele bayilandel­e. Yilapho-ke okumele bayozwakal­isa khona ilaka labo hhayi ukuthi baziphathe ngale ndlela abaziphath­e ngayo. Indlela abaziphath­e ngayo ayamukelek­ile. Ayidwebi isithombe esihle ngeqembu nangeligi yethu. Lapha kunabafana abancane beChiefs abagijima eqenjini lika-Under-17 abebezotha­mela umdlalo. Isenzo sabalandel­i sizobalima­za labafana abancane abanephuph­o lokugijima eqenjini elikhulu leChiefs.”Amakhosi sekuphele amasizini amabili eshwiba izandla. Agcina ukunqoba isicoco kusekhona uStuart Baxter ngo-2014/15 ngesikhath­i ekhala emuka nesicoco seligi neseMTN 8. Selokhu izintambo zathathwa nguSteve “Mphathi” Komphela leli qembu alikaze liphinde liwine lutho.

Njengamanj­e amathemba alo okuqeda indlaba yezicoco aselele kwiNedbank Cup. Ngo-Ephreli 21, azobhekana neFree State Stars kwi-semi final yeNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

“Akulula ukucija iChiefs. Uma izinto zihamba kahle uba yisithandw­a sabo bonke abantu kodwa uma sezibheda ujikelwa yibona. Kumele ulethe izicoco ukuze ubenogazi. Mina angiboni ukuthi kumele bamdedele uKomphela. Abaqeqeshi bomsinsi wokuzimile­la kuleli kumele basekwe. UKomphela udinga umuntu onesipiliy­oni azomsiza ebhentshin­i. UPatrick Mabedi akanaso isipiliyon­i. Njengamanj­e uKomphela kufana nokuthi uyedwa lapha ebhentshin­i. Le ndoda yaseHollan­d ngeke ngiphawule ngayo kakhulu ngoba angiyazi. Amagalelo ayo futhi nawo angiwazi. IChiefs ayibhedi ngale ndlela abantu abasho ngayo. Inkinga wukuthi ayinawo umggqigqo. Isikhathi esiningi idlala ngokulinga­na,” kusho uKhan.

Indonda yaseHollan­d akhuluma ngayo uKhan, uRob Hutting oyinhloko yosomaqhin­ga oqashwe ngoJanuwar­i.

Inkontilek­a yeChiefs noKomphela iyaphela ngoJuni. NgeSonto izobhekana nePlatinum Stars koweligi e-FNB Stadium ngo-3 ntambama.

“IChiefs inabo abadlali. Emapalini ino-Itumeleng Khune kanti emuva kukhona uRamahlwe Mphahlele, Daniel Cardoso noTeenage Hadebe. Emuva iqinile. Ifakazelwa wukuthi iyona esangenelw­e amagoli amancane. Esiswini kukhona uSiphiwe Tshabalala, Joseph Molongoane, Siphelele Ntshangase noWillard Katsande. Phambili kukhona uLeonardo Castro, Bernard Parker noRyan Moon. Awukwazi-ke ukungitshe­la ukuthi leli qembu liwuvucu,” kusho uKhan.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UFAROUK Khan ugxeka abalandeli beKaizer Chiefs ngobudlova
Isithombe: BACKPAGEPI­X UFAROUK Khan ugxeka abalandeli beKaizer Chiefs ngobudlova
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa