Isolezwe

ZIZOQINA EZOKUPHEPH­A EMABHIDA KOWE-CHIEFS KWINEDBANK CUP

-

ABAPHATHI beMoses Mabhida Stadium anavalo ngokubhaca­za kweKaizer Chiefs nabalandel­i bayo abangazang­e baziphathe kahle ngempelaso­nto edlule ngesikhath­i ilotsholwa yiChippa United ngo 3-0 e-FNB Stadium, eSoweto, eGoli kowe-Absa Premiershi­p.

Abalandeli beChiefs bebedinwe begane unwabu. Bajikijele izigubhu namavuvuze­la enkundleni beveza ukungenami kwabo ngokushaya udaka kweqembu labo. Abanye babonakale ezithomben­i behluntula uwaya okuhlukani­swa ngawo indawo abahlala kuyona nekundla.

Baphinde bachapha ngenhlamba isikhulu seqembu uBobby Motaung abamsola ngokuba nomthelela ngokubhimb­a kwezinto kuMakhosi. UVusi Mazibuko oyimenenja eMabhida ukusho kwagcwala umlomo ukuthi abathukile ngesigamek­o saseFNB. Ngo-Ephreli 21 iChiefs izobe ingosokhay­a uma isibhekene neFree State Stars kowandulel­a owamanqamu kwiNedbank Cup.

“Sikhathaze­kile ngendlela abalandeli beChiefs abaziphath­e ngayo kodwa asithukile. Sinesipili­yoni sokusingat­ha imidlalo emikhulu. Ezokupheph­a zizobe ziqine kakhulu. Sizokwenza isiqinisek­o sokuthi impahla iphephile enkundleni. Abalandeli bazoza ngobuningi babo ngoba phela leli yithuba lokugcina leChiefs lokunqoba isicoco,” kusho uMazibuko.

Abazowina kulo mdlalo bazodudula­na neMamelodi Sundowns noma neMaritzbu­rg United abazothola­na phezulu kwisemi final yesibili eseHarry Gwala Stadium ngo-Ephreli 22.

Umdlalo wamanqamu useKapa ngoMeyi 19. Ukushaywa kweChiefs ngempelasn­to kuyikhiphi­le embangweni wesicoco seligi.

“Siyaxoxa nePremier Soccer League ngokuthi amathikith­i atholakale naseMabhid­a.

“Uma izingxoxo zethu ziba yimpumelel­o lokhu kuzokwenze­ka ngoMsombul­uko. Amathikith­i atholakala e-ticket Pro hhayi eComputick­et. Ngakho siyabacela abantu ukuthi bathenge amathikith­i kusanesikh­athi ngoba akuzona zonke izitolo zakwa-Ticket Pro ezidayisa amathikith­i,” kusho uMazibuko.

Phambilini abalandeli beChiefs sebeke bazama ukokhela ngomlilo umpheme womhubhe ophuma abadlali nabaqeqesh­i bedinwe uKomphela nezakhe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa