Kuhlehle umdlalo ngenxa yomngcwabo
KUHLEHLE umdlalo weKaizer Chiefs nePlatinum Stars ngenxa yomngcwabo wengqalabutho yomzabalazo uNkk Winnie Madikizela-Mandela ozofihlwa ngoMgqibelo.
Ngosuku olufanayo Amakhosi adonsa kanzima kulezi zinsuku bekumele adudulane neDikwena emdlalweni we-Absa Premiership obekuhlelwe ukuthi uqale ngo-3 ntambama.
UNkk Madikizela-Mandela uzofihlwa eFourways Memorial Park Cemetery ngoMgqibelo. Inkonzo yomngcwabo izoba se-Orlando Stadium, eSoweto, eGoli.
I-Orlando Stadium neFNB yizinkundla ezisondelene. Izolo iPremier Soccer League (PSL) imemezele ukuthi umdlalo weChiefs neDikwena usuzodlalwa ngeSonto ngo-3 ntambama eFNB Stadium.
I-PSL ayizange isale ngaphandle ezinhlanganweni ezihloniphe uNkk MadikizelaMandela kwazise kuyo yonke imidlalo yayo kuba nomzuzu owodwa wokuhlonipha leli qhawe ngaphambi kokuthi iqale. Usihlalo wale nhlangano u-Irvin Khoza walibalula iqhaza likaMadikizela-Mandela ebholeni likanobhutshuzwayo.
Namuhla kuzoba nenkonzo yesikhumbuzo saleli qhawe e-Orlando Stadium lapho kulindeleke ukuthi kutheleke izinkumbi zabantu. UWinnie wayeshade nowayenguMengameli wokuqala wentando yabantu uMnuz Nelson Mandela kodwa bahlukanisa ngo-1995. Ushone eseneminyaka engu81. Udlule emhlabeni ngemuva kokuphuma engena esibhedlela.
Izinkunzi zaseSoweto, iChiefs ne-Orlando Pirates zivakashele emzini kaNkk Madikizela-Mandela ngoMsombuluko eSoweto. Eminye imidlalo yePSL obekuhlelwe ukuthi idlale ngoMgqibelo izoqhubeka njengoba bekuhleliwe. Ngokusho kwesitatimende sePSL, i-FNB Stadium okuzodlalela kuyona iChiefs ngeSonto izosetshenziselwa ukupaka nezinye izinto ngosuku lomngcwabo ngoMgqibelo.
Amakhosi asezothola isikhathi esanele sokulungisa amaphutha ewenze ngesikhathi elotsholwa yiChippa United ngo 3-0 enkundleni efanayo ngempelasonto edlule emdlalweni weligi. Umqeqeshi weqembu uSteve Komphela nabadlali baphume enkundleni bevika izigubhu kwazise abalandeli bebedinwe bethelwa ngamanzi wokushaya udaka kwezabo. IChiefs isiphumile embangweni wesicoco seligi. Isele ngamaphuzu angu-10 kwiMamelodi Sundowns eqhwakele ngamaphuzu angu49 ngemuva kwemidlalo engu25. Amakhosi asendaweni yesine ngamaphuzu angu39. IDikwena abazodlala nayo iyibambe emsileni okungasho ithuba lokubuyisa ukuzethemba kuMakhosi ngaphambi komdlalo wamasemi final eNedbank Cup neFree State Stars ngo-Ephreli 21.