Isolezwe

IBaroka isemseni wePirates ngoMotupa

- ZAKHELE XABA

IBAROKA ilindele noma yini ngomgadli emboleke kwi-Orlando Pirates, uGift Motupa, oyishayele amagoli abalulekil­e kule sizini.

UMotupa, owadayiswa yiBaroka kwiPirates kumasizini adlule, uthwale kanzima ukuthola ijezi kweZimnyam­a ngesizini edlule. Ungomunye wabadlali abangayith­olanga indawo ngaphansi kukaMiluti­n “Micho” Sredojevic owenze izinguquko eziningi kwiPirates kusuka efikile ekuqaleni kwesizini ka-2017/2018, okugcine ngokuthi abolekiswe kwiBaroka.

UMotupa uyisebenze­le kanzima iBaroka kodwa iyazi ukuthi ingazithol­a sekufanele ibheke omunye umgadli uma iPirates ingavumi ukumbuyisa ngesizini ezayo. UMotupa usevele uyibuka nezihlwele imidlalo yeBaroka. Ngempelaso­nto edlule, iBakgaga ihlulwa yiMamelodi Sundowns ngo-2-1, endaweni kaMotupa bekudlala uLucky Nguzane oshaye igoli.

Umqeqeshi weBaroka, uMcDonald “Bambino” Makhubedu, uthe uma ehamba uMotupa bazokwamuk­ela lokho.

“ULucky umfana onamandla. Asibheke amarekhodi abo. UGift ubekade esishayela amagoli, ungomunye wabahamba phambili kwi-ligi. ULucky unomlando omuhle, udlale e-Europe, kwiSundown­s nakwi Golden Arrows. Udlale emaqenjini amakhulu. Udlale nasemaqenj­ini esizwe amancane. Bacishe bafane. Uma uGift ehamba sizothola omunye. IBaroka iyohlala izama ukuthola abafana abancane abahle. Asibakhumb­uli abadlali lapha. UGift uyalazi ibhola kodwa asibalisi ngabadlali, uma wenza lokho ukhombisa ukuthi kukhona okungalung­ile ngawe. Mina ngizoseben­za nganoma ngabe yini enginikwe yona. Uma ehamba kulungile, uma ehlala kusalungil­e nalokho,” kusho uMakhubedu.

IBarola iqale kahle isizini, yahlala esicongwen­i seligi yePremiers­hip. Ngokuhamba kwesikhath­i ziqalile ukubhimba izinto, yazithola isibheke emsileni we-log. Ukuthatha izintambo kukaMakhub­edu kubukeke kuyivusile iBaroka. Izokwamuke­la iMaritzbur­g United emdlalweni weligi ozoba sePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngeSonto ngo-3 ntambama.

“Sifuna ukulwela ukuqeda isizini endaweni yesihlanu. Siyiqembu elihle kodwa uma kungenzeki ayikho inkinga. Kufanele sizame kakhudlwan­a. Sidinga ukuwina imidlalo eyisihlanu esisalele. Kungaba kubi uma singaqeda ngaphandle kweTop 8 ngoba sinezifiso futhi iBaroka iyakhula. Sike sahlala phezulu, sahlala endaweni yesine, sehlela kweka-12. Manje sesibuyele kwi-Top 8. Sidinga ukuwina ngoba sinabadlal­i abasezinge­ni eliphezulu,” kusho uMakhubedu.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UGIFT Motupa iBaroka elindele noma yini ngaye njengoba imuboleke kwiOrlando Pirates
Isithombe: BACKPAGEPI­X UGIFT Motupa iBaroka elindele noma yini ngaye njengoba imuboleke kwiOrlando Pirates
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa