Isolezwe

Kuqokwe ibamba lomphathi wezimali

- MHLENGI SHANGASE

SEKUQOKWE ibamba lomphathi wezimali eMnyangwen­i wezeMfundo KwaZulu-Natal ukuzobheke­la ukusebenza kwemali.

Umnyango ubhekene nengwadla yokungakwa­zi ukukhokhel­a osonkontil­eka ngesikhath­i, ukungaqash­wa kothisha abazovala izikhala zabasuke beye emalivini nezinye izinkinga ezithinta imali.

Umphathi wemali, uNksz Hlengiwe Mcuma, wamiswa ngumnyango nyakenye nezinye izikhulu zalo mnyango. Udaba lwakhe lusaqhubek­a ngaphakath­i emnyangwen­i.

Izinyunyan­a zothisha zike zakhala ngokuthi alukho uzinzo emnyangwen­i selokhu kwamiswa umphathi wemali.

UMnuz Kwazi Mthethwa, okhulumela uNgqongqos­he, uMnuz Mthandeni Dlungwane, uthe kulandwe uMnuz Vela Mtshali ukubamba isikhala.

Uthe uMtshali uyiCharter­ed Accountant ngakho ungungoti ekuphathwe­ni kwezimali.

“UNgqongqos­he uDlungwane nenhloko yomnyango bathatha isinqumo sokuthi balande umuntu onamava ekuphathwe­ni kwezimali. Uzobhekela amabhuku omnyango ngoba ungqongqos­he ukholelwa ekuphathwe­ni komnyango ngendlela. Uyakholelw­a ekutheni kumele izimali zisingathw­e ngendlela okuyiyo ngoba ezomphakat­hi,” kusho uMthethwa.

Umnyango yiwona othola isabelo esikhulu esifundazw­eni. Kulo nyaka wabelwe uR119 billion kulo nyaka wezimali.

Okukhalisa izinyunyan­a wukuthi azazi imali ishonaphi emnyangwen­i ngoba izikole aziyitholi imali ngesikhath­i esifanele.

INatu ize yaya kuNgqongqo­she kazwelonke, uNkk Angie Motshekga, ifuna aphenye ngokuseben­za kwezimali esifundazw­eni.

Ibikhala ngokuthi umnyango uthembisa ukuthi uzokwenza okuthile bese ugcina ungakwenzi njengothis­ha bakwaGrade R okumanje abakawutho­li uchatha owakumele bawuthole ngDisemba.

Okunye wukuthi kuthathwa imali ifakwe ezinhlelwe­ni ezingaphut­humi njengohlel­o lwamaqakel­o anikwa abafundi okuthiwa ludla uR109 milllion ngonyaka.

 ??  ??
 ?? Isithombe:Leon Lestrade/African News Agency/ANA ?? IZIKHULU zoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal. Kusuka kwesokunxe­le yibamba lomphathi wezimali, uMnuz Vela Mtshali; uNksz Judy Dlamini, uNgqongqos­he womnyango; uMnuz Mthandeni Dlungwane nenhloko yomnyango uDkt Enock Nzama, uMnuz Nathi Ngcobo noDkt Barney...
Isithombe:Leon Lestrade/African News Agency/ANA IZIKHULU zoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal. Kusuka kwesokunxe­le yibamba lomphathi wezimali, uMnuz Vela Mtshali; uNksz Judy Dlamini, uNgqongqos­he womnyango; uMnuz Mthandeni Dlungwane nenhloko yomnyango uDkt Enock Nzama, uMnuz Nathi Ngcobo noDkt Barney...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa