Kuqokwe ibamba lomphathi wezimali
SEKUQOKWE ibamba lomphathi wezimali eMnyangweni wezeMfundo KwaZulu-Natal ukuzobhekela ukusebenza kwemali.
Umnyango ubhekene nengwadla yokungakwazi ukukhokhela osonkontileka ngesikhathi, ukungaqashwa kothisha abazovala izikhala zabasuke beye emalivini nezinye izinkinga ezithinta imali.
Umphathi wemali, uNksz Hlengiwe Mcuma, wamiswa ngumnyango nyakenye nezinye izikhulu zalo mnyango. Udaba lwakhe lusaqhubeka ngaphakathi emnyangweni.
Izinyunyana zothisha zike zakhala ngokuthi alukho uzinzo emnyangweni selokhu kwamiswa umphathi wemali.
UMnuz Kwazi Mthethwa, okhulumela uNgqongqoshe, uMnuz Mthandeni Dlungwane, uthe kulandwe uMnuz Vela Mtshali ukubamba isikhala.
Uthe uMtshali uyiChartered Accountant ngakho ungungoti ekuphathweni kwezimali.
“UNgqongqoshe uDlungwane nenhloko yomnyango bathatha isinqumo sokuthi balande umuntu onamava ekuphathweni kwezimali. Uzobhekela amabhuku omnyango ngoba ungqongqoshe ukholelwa ekuphathweni komnyango ngendlela. Uyakholelwa ekutheni kumele izimali zisingathwe ngendlela okuyiyo ngoba ezomphakathi,” kusho uMthethwa.
Umnyango yiwona othola isabelo esikhulu esifundazweni. Kulo nyaka wabelwe uR119 billion kulo nyaka wezimali.
Okukhalisa izinyunyana wukuthi azazi imali ishonaphi emnyangweni ngoba izikole aziyitholi imali ngesikhathi esifanele.
INatu ize yaya kuNgqongqoshe kazwelonke, uNkk Angie Motshekga, ifuna aphenye ngokusebenza kwezimali esifundazweni.
Ibikhala ngokuthi umnyango uthembisa ukuthi uzokwenza okuthile bese ugcina ungakwenzi njengothisha bakwaGrade R okumanje abakawutholi uchatha owakumele bawuthole ngDisemba.
Okunye wukuthi kuthathwa imali ifakwe ezinhlelweni ezingaphuthumi njengohlelo lwamaqakelo anikwa abafundi okuthiwa ludla uR109 milllion ngonyaka.