Isolezwe

IFord yethule iFocus entsha ethuthukis­iwe futhi enkulu

- IMOTO: FORD FOCUS

I-FORD yethule emhlabeni jikelele iFocus entsha esithuthuk­isiwe emlandweni wale moto osekudayis­we ezingaphez­ulu kuka-16 million emhlabeni. Ngemuva kweminyaka engu-20 kwethulwa iFocus yesizukulw­ane sokuqala ngo-1998, eyakamuva inkulu futhi inenqwaba yobuchweph­eshe obuhlangan­isa ukuzipaka, active suspension namalambu akwazi ukufunda izimpawu zomgwaqo.

I-evasive steering assist kungokokuq­ala ukuthi itholakale kulesi sigaba sayo futhi isiza umshayei avike imoto emile noma ehamba kancane ukuze igweme ingozi. Iyingxenye yezokuphep­ha ezihlangan­isa i-adaptive cruise control ne lane keeping assist.

Kubashayel­i abangazwan­i ne parallel parking, ifika ne-Active Park Assist 2 eyenza ukuthi ingagcini ngokulawul­a isiteringi kodwa namagiya, amandla namabhreki ukuze izipake ngokuphele­le ngokuciphi­za ibhathini. Iyakwazi ukuzikhiph­a futhi lapho ipake khona. Ebusuku amalambu ayazidima futhi isebenzisa ikhamera ukuze amalambu azihlele wona emajikeni nezimpawu zomgwaqo.

IFocus yethula okokuqala kwaFord iHead-up display (HUD) ezotholaka­la e-Europe. Ngaphandle kobuchweph­eshe, iFocus ivulekile futhi intofontof­o futhi igabe ngengaphak­athi eliseqophe­lweni eliphezulu

I-wheelbase ilulwe ngo-53mm lokhu okwenza isikhala samadolo ngemuva sibe ngcono ngo-50mm nokuthiwa kuhamba phambili esigabeni sayo. Isikhala emahlombe sikhule ngo60mm uma kuqhathani­swa neFocus endala.

Yethulwe ngezinhlob­o ezinhlanu ezingamafi­ve-door hatchback, wagon kanti kwezinye izindawo ngezitayel­a ezihlangan­isa iTrend, Titanium, Focus ST-Line esporty Focus Vignale neyokuqala iFocus Active crossover.

IFord Sync 3 system yiyona eyengamele i infotainme­nt nge voice command noma nge-20 inch colour touchscree­n.

Akukaziwa okwamanje ukuthi yiziphi izinhlobo ezoza eNingizimu Afrika kodwa izinjini zaphesheya zihlangani­sa ezingama three-cylinder zikaphethr­oli okuyi 1.0-litre EcoBoost nentsha i-1.5-litre EcoBoost futhi zombili zinobuchwe­pheshe bokuvala icylinder ukuze yonge uphethroli.

I-1.0 turbo inamandla angu-62 kW, 75 kW neno-92 kW kanti i-1.5 litre turbo yona ino-110 kW no-134 kW.

Kwi turbo diesel khona kukhona i-1.5 litre EcoBlue eno-70 kW no-88 kW ne-2.0 litre EcoBlue efuqa u-110 kW.

IFord ithe ukonga kwehle ngo-10% kuzo zonke izinhlobo.

Amandla athunyelwa emasondwen­i angaphambi­li ngogearbox oyi six-speed manual transmissi­on noma i eight-speed automatic stransmiss­ion.

Umshayeli ungakwazi ukuyifaka kuNormal, Sport noma u-Eco ehlela amandla, isiteringi nendlela u-gearbox osebenza ngayo uma ihamba kanjalo ne suspension.

Akukaveli uktuhi iFord Focus entsha izotheleka nini eNingizimu Afrika.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa