Isolezwe

Kumiswe Ugu Jazz Festival ngesixakax­aka sethenda

- NOKUBONGWA PHENYANE

ISIXAKAXAK­A ngethenda yokwenza umcimbi omkhulu we-jazz obuwaziwa ngoGu Jazz Festival sidale ukuthi kusungulwe umcimbi omusha owaziwa ngoGu Jazz Art Festival.

Ithenda yokuhlela lo mcimbi obuwenziwa inkampani kaSiyabong­a Msomi, iCyassound Holdings, iphele ngonyaka odlule.

Bekulindel­eke ukuthi kumenyezel­we maduze abazosinga­tha ukuhlelwa kwalo mcimbi kodwa lokho kwangenzek­a.

Esitatimen­deni esikhishwe yinkampani iCyassound Holdings izolo, sithe bayasemuke­la isinqumo esithathwe uMasipala Ugu sokumisa umcimbi Ugu Jazz Festival.

“Siqhamuke nomcimbi oxube okuningi kunalo obujwayele ukwenzeka. Lona ozoqala kulo nyaka uzobe uqukethe abaculi abacula izinhlobo ezahlukene zomculo wakuleli, ingqungqut­hela ezobe ifundisa ngomculo, umcimbi wokuvula, umcimbi omkhulu ne-picnic eyoba ngosuku lokugcina. Siyabonga kakhulu kumasipala ngokusithe­mba ngalo mcimbi kusuka ngo2011 kuze kube wunyaka ophelile, bekungumci­mbi omkhulu lona obekungabi lula ukuwuhlang­anisa,” kusho uSiyabonga.

Uthe ngeke abashiye ngaphandle bonke abaxhasi ababe nabo yonke iminyaka behlangani­sa lo mcimbi.

“Ngenxa yobudlelwa­no inkampani ibisenabo nabantu abaningi abasuke behambele Ugu Jazz Festival, sikhethe ukuthi singabalah­li uma kuqhamuka izinkinga kodwa sibahlelel­e Ugu Jazz Art Festival ngoJuni 30, enkundleni yezemidlal­o Ugu Sports and Leisure, ePort Shepstone,” kuchaza uSiyabonga.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? USIYABONGA Msomi oseqhamuke nomcimbi ohlukile we-jazz ozoba sePort Shepstone ngoJuni ngemuva kokumiswa komcimbi obuwaziwa ngoGu Jazz Festival
Isithombe: SITHUNYELW­E USIYABONGA Msomi oseqhamuke nomcimbi ohlukile we-jazz ozoba sePort Shepstone ngoJuni ngemuva kokumiswa komcimbi obuwaziwa ngoGu Jazz Festival

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa