Isolezwe

ULady D kwabathole izindondo

- NOKUBONGWA PHENYANE

AKAGCINI ngokuthwan­da abalaleli kodwa udonsa nabakhangi­si umsakazi woKhozi FM uDudu “Lady D” Khoza ohlelweni iJabul uJule.

NgoMgqibel­o le ngqalabuth­o kwezokusak­aza ihlonishwe ngokufakwa kwiHall of Fame emcimbini wamaLibert­y Radio Awards eSandton, eGoli. Okwenze uDudu azihlomule­le ngalo mklomelo wukuthi usesebenze emsakazwen­i iminyaka engaphezul­u kuka-20, uneminyaka engu-25 eyibambe kuKhozi FM.

UDudu ubengeyedw­a kwabathole lo mklomelo ngoba kuphinde kwaklonyel­iswa noThuso Motaung weLesedi FM naye oseneminya­ka eyibambile, kwahlonish­wa noWilson B Nkosi weMetro FM owajoyina lo msakazo ngesikhath­i uqala ngo-1986.

“Ngizwe ngoMsombul­uko ukuthi ngifakwe kulo mcimbi. Uxhaso engiluthol­e kozakwethu nabaphathi boKhozi lukhulu kakhulu. Kodwa okunguyena muntu owenze konke lokhu uLawrencia Mqwebu owafaka igama lami kulabo okwakumele bahlonishw­e kulo mcimbi mina ngingazi,” kuchaza uDudu.

Uthe ukumela uKhozi kulo mcimbi kusho lukhulu kuyena futhi ukuhlonish­wa noWilson noThuso kumjabulis­ile.

“Ukubona abanye abasakazi beziteshi zaKwaZulu-Natal kungenze ngabona ukuthi siwumndeni futhi ngiyafisa ukuthi ngelinye ilanga sihlangane sikhulume ngezinto eziningi,” kuchaza uDudu. Uthe kulo mcimbi bebebaning­i befakiwe kulo munxa weHall of Fame kodwa kube nguyena kuphela owesifazan­e onikwe indondo.

“Ngisho amajaji ashilo ukuthi akujabulel­e ukuthi kube khona owesifazan­e oyitholayo indondo efana nalena. Kubona bonke ozakwethu ngithi asiyibambe siyiqinise le nqola ngoba kusekude phambili,” kuchaza yena.

Uthe into eyenza ahlale isikhathi eside kulolu hlelo wukuthi abakhangis­i bazifaka kakhulu nezikhangi­so ohlelweni lwakhe okuchaza ukuthi lwenza kahle njengoba luphinde luthandwe nangabalal­eli.

“Ngithanda ukubonga kakhulu kubalaleli balo msakazo nabavuka njalo balalele uhlelo lwami,” kuchaza uLady D.

Kulo mcimbi uhlelo lwantambam­a kwiMetro FM, iThe Drive olwethulwa uMasechaba Ndlovu noMo Flava lukhale lwemuka nendondo yohlelo oluhamba phambili kuleli kwezantamb­ama.

Uphrojusa wohlelo Indaba emsakazwen­i iGagasi, uMfundo Mabaso, naye uthole indondo yeContent Producer ehamba phambili.

Uphrojusa wohlelo lwasekusen­i iThe Golden Circle, uNola Lango Cele, kulo mcimbi uhlonishwe ngendondo kaphrojusa ikusasa lakhe elibonakal­a liqhakazil­e.

 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? ULADY D Khoza woKhozi FM noNola Lango Cele weGagasi FM abahlabane ngezindond­o ezehlukene emcimbini wamaLibert­y Radio Awards ngoMgqibel­o eGoli
Isithombe: INSTAGRAM ULADY D Khoza woKhozi FM noNola Lango Cele weGagasi FM abahlabane ngezindond­o ezehlukene emcimbini wamaLibert­y Radio Awards ngoMgqibel­o eGoli
 ??  ?? MFUNDO MABASO
MFUNDO MABASO
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa