Isolezwe

Kwakuyoba ngcono ukuba kwakuvotel­wa ubuholi: Madondo

- KHETHA SANGWENI

IPHINI leNhloko yamaJaji KwaZulu-Natal, u-Isaac Madondo, lithi ukuba bekuya ngalo ngabe umholi webandla lakwaShemb­e uyavotelwa ukuze kuphele ukukhuluma.

UMadondo usho lokhu ngesikhath­i ekhipha isinqumo ngalolu daba ngoLwesihl­anu eNkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu.

Uvune abaseThemb­ezinhle wangahambi­sana nabaseBuhl­eni abahambisa­na noMnuz Mduduzi “Unyazi lwezulu” Shembe.

Icala laliqale eNkantolo eNkulu eThekwini lapho lafika lavuna abaseThemb­ezinhle kodwa abaseBuhle­ni balidlulis­a bekhala ngokuthi obunye ubufakazi bunyatheli­we.

Umbango uqale emuva kokukhotha­ma komholi webandla inkosi Vimbeni “Uthingolwe­nkosana’’ Shembe. IJaji litshele amalungu ebandla ukuthi lizamile ukuwuzwaka­lisa umbono wokuvota kwamanye amajaji abecubungu­la udaba kodwa lakhala ngaphansi ngenxa yeningi.

UMadondo ubehlalele udaba namaJaji uPortia Poyo -Dlwati noJerome Mnguni okuyibona abachithe umbono kaMadondo ngokuba yiningi.

“Enye indlela ebizoqeda ukukhuluma wukuthi isigungu esiphezulu sebandla sivote ngokuyimfi­hlo sikhethe umholi webandla. Lolo khetho bekuyomele lwenganyel­we yinhlangan­o ezimele njenge-IEC ukuze kuqiniseki­swe ukuthi konke kuhamba kahle,’’ kusho uMadondo.

Uveze ukuthi umbono wakhe ubuyokwese­kwa ukube umthethosi­sekelo webandla uyasinika isigungu esiphezulu amandla okuba siqoke umholi uma kwenzeka isikhundla singabi namuntu kungacaci ukuthi ngubani umholi.

Uthe isigungu esimeni esinjalo kusuke kufanele sisingathe umsebenzi ngokucophe­lela nangeqinis­o.

Uthe kodwa lokho belikuveza njengeselu­leko kodwa isinqumo sokunqoba kwabaseThe­mbezinhle simile asishintsh­i.

Okunye okuqaphele­kile ecaleni wukuthi isasasa lamalungu ebandla, ikakhuluka­zi aseBuhleni, bese lehlile uma kuqhathani­swa nangesikha­thi icala lisahlala eNkantolo eNkulu eThekwini.

Ngaleso sikhathi babephuma ngobuningi kube mhlophe idolobha. Abaholi bezinhlang­othi zombili bebengabon­wa nangokhalo enkantolo kanti eThekwini babeke babonakale bezothamel­a icala. Akukacaci ukuthi yiliphi igxathu elizothath­wa ngoba abeseBuhle­ni bethe basazodla amathambo engqondo ngodaba.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa