Isolezwe

Uvalo emndenini okhishwe ehostela washiselwa izimpahla

- LUNGI LANGA

UNOVALO umndeni wasehostel­a laseMlaza, iSeventini okuthiwa ushiselwe impahla kubangwa igumbi lokuhlala.

Baphenduke omantunta nendishi abomndeni okuthiwa bangenelwe abantu ngoLwesihl­anu ebusuku bashiselwa izimpahla ngoba kuthiwa izingane zakhona azinalo igunya lokuhlala kwelinye lamagumbi asehostela. Kuvame ukuthi kuhlale imindeni eyahlukene emagumbini ehostela elilodwa bese kusetshenz­iswa ngokuhlang­anyela indlu yangasese nekhishi.

UMnuz Vusumuzi Khanyile (45) uthe benomndeni wakhe sebequba ezihlotshe­ni emuva kokuthi kufike abantu okuthiwa basekomiti­ni elibhekele ukuhlala kwabantu ehostela bathi akakhiphe amadodakaz­i akhe amabili eneminyaka engu-23 neneminyak­a engu17 ngoba bethi awanalo igunya lokuhlala kwelinye lamagumbi asendlini abahlala kuyona ehostela. UKhanyile ohlala nezingane zakhe eziyishiya­galolunye uthe bebebaning­i kakhulu egumbini lakhe wase ehlela ukuthi ezinye zihlale kwelinye lamagumbi ngesikhath­i kuphuma omunye ababehlala naye.

“Ngangiland­e izingane zami emakhaya ngoba ngenzela ukuthi zizoqhubek­a nokufunda ngala. Besihlala sonke kusuka ngizilandi­le ngo-2015. Kuthe uma kuvuleka isikhala kwelinye igumbi endlini esihlala kuyona ngaya kocelela izingane kunsumpa ukuba zingene kulo. Ngathenga nomjondolo ngenzela ukuthi kuhlale abafana bami abane kodwa nawo washiswa,” kusho uKhanyile.

Uthe abantu abazibiza ngekomiti lenhlalaka­hle bathi bafuna ukufaka umuntu. Kuthe uma bengavumel­ani nakushoyo babiza amaphoyisa. UKhanyile uthe amaphoyisa afika wase ewachazela mayelana nokuhlala kwezingane zakhe.

Uthe amaphoyisa anquma ukuthi bahlangane namuhla nalaba balisa baye ehhovisi likansumpa ukuze kuvele ubufakazi bokuthi amadodakaz­i akhe kufanele ahlale kuleliya gumbi. Uthi bavumelene kodwa kwashintsh­e esehambile amaphoyisa.

“Bashise nomfaniswa­no wezingane zethu ezinhlanu ezifundayo. Angazi ukuthi sizokwenze­njani. Bashise ngisho okokugqoka,” kusho uKhanyile.

Ikhansela laku-ward 89, uMnuz Mbangeni lithe bazimisele ngokuxoxis­ana namalungu omphakathi ngokwenzek­ile lathi kunezindle­la ezilandelw­ayo uma kulungiswa isimo esithinta ukuhlalisw­a kwabantu. UMjadu uthe akasekho ofuna ukuphumela obala ngokukhish­wa kwezimpahl­a zalo mndeni.

Okhulumela amaphoyisa, uLt Col Thulani Zwane ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokucekela phansi impahla.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa