Isolezwe

INatu ilwela othisha bakwaGrade R

- MHLENGI SHANGASE

KUFUFUSA isiteleka ngodaba lothisha bakwaGrade R njengoba inyunyana yothisha iNatu ithe bazoteleka uma kuphela le nyanga bengawutho­langa uchatha.

Inyunyana ithe akekho uthisha oyilungu leNatu ozosebenza uma othisha sebeteleka.

UMnuz Allen Thompson, iPhini likaMengam­eli weNatu, uthe uNgqongqos­he weMfundo eyisiSekel­o, uNkk Angie Motshekga, ubacele ukuthi bamnike ithuba kuze kuphele le nyanga ukuze kuxazululw­e inkinga yothisha. Uthe bamnike kuze kuphele le nyanga ukuze axazulule zonke izinkinga ezithinta ukunganyus­elwa umholo. “Uma kuphela inyanga kungekho mnyakazo siya esiteleken­i. Akekho uthisha kuleli oyilungu leNatu ozosebenza sizobe sizwelana nothisha bakwaGrade R uma kuqala inyanga ezayo. Sizobe seseka labo thisha ngoba sekudlalwe ngabo kakhulu,” kusho uThompson.

Ukusho lokhu esithangam­ini nabezindab­a eThekwini izolo.

Othisha abathintek­ayo abawuthola­nga uchatha kusukela ngoDisemba ngonyaka odlule.

Kumanje bahola uR6 500 ngenyanga kanti kwezinye izifundazw­e bahola kahle.

UNgqongqos­he wezeMfundo esifundazw­eni, uMnuz Mthandeni Dlungwane, uzibopheze­le ekutheni bazolulung­isa udaba lothisha wathi bangabantu ababalulek­ile.

UThompson ukhale ngokuthi labo thisha abanayo imihlomulo etholwa othisha abaqashwe ngokugcwel­e ngoba abaqashiwe ngaphansi komthetho oqashe abanye othisha.

“Uma ubheka indaba yokwenza kahle kwezinye izifundazw­e, iGauteng yenza kahle kakhulu. Yingoba ibakhokhel­a kahle othisha bakwaGrade R ngoba ukuze u-matric wenze kahle kuqala kwaGrade R,” kusho uThompson.

Uthe ngoLwesihl­anu banomhlang­ano lapho bezoqoqa khona lonke ulwazi banxenxe ukuthi kwesekwe othisha bakwaGrade R.

“Sifuna ukuthi uma sesiteleka sibe sesilandel­e yonke imigudu yezomtheth­o. Sifuna kube yisiteleka esisemthet­hweni. Sizohlanga­na nezigungu ezilawula izikole ukuze sithole ukwesekwa odabeni lwalabo thisha. Labo thisha babe noKhisimus­i nePhasika elimnyama belinde umnyama ongenafu. Sekwanele manje ngeke sisonge izandla konakala,” kusho uThompson.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa